UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter
Kwemukelwe ngenjabulo ezinkundleni ezihlukene la kuhlangana khona abezokusubatha ukumenyezelwa okubuya kweComrades Marathon.
Ukubuya kwalo mqhudelano ongagijinywangwa iminyaka emibili kulandelana ngenxa yokudlanga kweCovid-19 kuvezwe ngoLwesthathu.
Lo mjaho uzoqhubeka ngomhla ka28 ku-Agasti ngonyaka oza nokuyonbe kuyiSonto ngokusho kukasihlalo wekomiti elihlela iComrades uCherly Winn.
“Sijabule thina nabaxhasi ngokuthi iyabuya iComrades. Lo mjaho ugijinywa yizindimbane zabasubathi abaphuma umhlaba wonke,’ kusho uWinn.
Lo mjaho waqalwa ngo-1921 njengoba kanti ugijinywa phakathi kwamadolobha amabili amakhulu KwaZulu-Natal, uMgungundlovu neTheku.
Uheha izivakashi eziningi kakhulu umhlaba wonke kuvuleke amathutshana omsebenzi.
Lo mjaho waqala wagijinywa ngomhla ka-24 Meyi okwabe kuwusuku lo mbuso wobandlululo wabuya washintshelwa kumhla ka-16 kuJuni.