Injabulo kuZinnbauer kubuya izinkunzi ze-Orlando Pirates

Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJosef Zinnbauer

OKADONGA GUMBI

Kuzophela inyanga ezayo seyihlome iphelele i-Orlando Pirates njengoba bezobe sebebuye cishe bonke abadlali bayo abebehlaliswe ekhaya wukulimala.

IBucs ike yanenkinga njengoba beyilinyalelwe yizingwazi zayo ehlasela ngazo okubalwa kuzo oTshegofatso Mabasa, Ganadinho Mhango noZakhele Lepasa.

Bonke laba badlali sebeqalile ukuzicija neqembu futhi kukholakala ukuthi bonke bazobe sebebuyile maphakathi noMashi. Umqeqeshi wePirates, uJosef Zinnbauer uthe yizindaba ezinhle lezi.

“Enginolwazi kahle ngaye nguMabasa. Useluleme futhi kungenzeka sibe naye ngeviki elizayo. ULorch (Thembinkosi) noHotto (Deon) nabo bayabuya.

“Kodwa sizokwazi kahle ezinsukwini ezimbili ezizayo,” kusho uZinnbauer ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo wabo weCAF Confederation Cup ngeSonto.

“Sinethimba labelaphi eliwaziyo umsebenzi walo futhi nginethemba lokuthi bonke abadlali bazobe sebebuyile maduze nje,” kuqhuba uZinnbauer.

IPirates iwine umlenze wesibili ngo 1-0 wegoli likaLinda Mntambo, kwaba ngu 4-0 uma sekuhlanganiswe nomphumela womlenze wokuqala. Yayiwine ngo 3-0 ekuhambeni eBotswana.

Ngokuhluleka ukuyibhubhudla seyisekhaya iJwaneng Galaxy, uZinnbauer uthe kufanele ukuthi kube yingcindezi yokwazi ukuthi umsebenzi usuvele sewenziwe njengoba bawina ekuhambeni.

“Sijabule ngokungena esigabeni samaqoqo. Besibaphethe umdlalo wonke. Babe nethuba elilodwa nje kuphela la bebengashaya khona igoli. Sibe namathuba amaningi futhi umphumela usifanele.

“Sinike abadlali abangajwayele ukuthola iskimu ithuba lokuthi badlale futhi ngenelisekile ngabo. Bekubalulekile ukuthi abafana abasebancane njengo-Azola (Tshobeni) bathole amava okudlala ezingeni lamazwe ngamazwe besebancane. NoPepe (Thabiso Sesane) ulitholile ithuba.

“Sesizobona ngeviki elizayo ukuthi siqhathwa nobani emzuliswaneni wamaqoqo. Anginalo ulwazi olwanele ngamaqembu asezwenikazi ngakho ngibheka lelo esisuke sizodlala nalo ngaleso sikhathi.

“Ngeke ngithi kukhona engifisa noma eningingafisi ukufakwa nawo eqoqweni elilodwa. Sizobona sesiqhathiwe bese siqala sibheke lawo maqembu.

“Wonke amaqembu asefike kulesi sigaba anethuba futhi angakwazi ukufika kowamanqamu anqobe lo mqhudelwano,” kuchaza uZinnbauer.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.