Injabulo ngokubuya koqanduqandu lomgadli weChiefs isheshe yaphela

Umbhali weMpempe
Kube yizindaba ezinhle eqenjini leKaizer Chiefs ngesikhathileli qembu limemezela ukuthi uqanduqandu lomgadli, uSamir Nurkovic useluleme futhi useziqeqesha neqembu. Lokhu bekungenxa yokuthi amagoli beseliwezwa ngenzwabethi leli qembu ngenxa yokuthi abagadli abadlalayo njengamanje bavele babanjwe umankunkela uma befika phambi kwamapali.
Nokho leyo njabulo isheshe yaphela ngesikhathi umqeqeshi, uGavin Hunt eveza ukuthi lo mgadli odabuka eSerbia kudala alulama kodwa ‘kunezinkinga’ ezimvimbela ukumsebenzisa.
“Sekunamaviki amabili uNurkovic eluleme, kodwa kunezinye izingqinamba. Lezo zingqinamba kumele zilungiswe kuqala. Yena engadlala kodwa asiyishiyele olunye usuku leyo,” usho kanje uHunt ngaphambi komdlalo wabo neBlack Leopards ngoLwesithathu.
Le nkulumo yakhe iqale phansi izinsolo zokuthi lo mdlali uyacindezelwa eqenjini kulandela ukuputshuka kwezindaba zokuthi wacela ukuba adedelwe ayodlala kwelinye iqembu. Ngaleso sikhathi bekunemibiko ethi izinkakha zase-Egypt, i-Al Ahly ziyamcathamela lo mgadli.
Umphathi weqembu, uBobby Motaung, uvumile ukuthi lezi zindaba zokuthi kunamaqembu amfunayo zimphazamisile uNurkovic.
“Kumele odayisayo avume ukudayisa,” kusho uMotaung kuSAfm ngoLwesine ntambama. “Kumele izinhlaka zokumbili (umdayisi nomthengi) zivumelane ngokuthi bazobizana malini.
“Kodwa ngeke ngiqambe amanga, izinto ezinjena ziyamthikabeza umdlali. Kodwa yena unenkontileka yeminyaka emithathu nathi. Usendaweni emlungele kodwa ke kujwayelekile ukuthi izinto ezinjena zimphazamise,” kuqhuba uMotaung.
Ube eseveza ukuthi ngeke bona bamvimbela umdlali uma sekumeke ahambe.
“Thina siyiKaizer Chiefs ngeke simvimbe umdlali uma kufanele ahambe. Kodwa ke, njengeqembu, uma sidedela umdlali kumele senze isiqiniseko sokuthi sithola ozovala isikhala. Ngeke sakwazi ukuqasha umqeqeshi omusha bese sidayisa abadlali bethu abaphambili.
“Sisanda kuqasha umqeqeshi. Ngabe uzokwazi ukusebenza ngabadlali abakhona, okubalwa kubo nomgadli wethu ophambili? Uma ke ngonyaka ozayo kuba khona okuvelayo futhi nomqeqeshi ethi unaye angavala ngaye isikhala, singakucabanga ukumdedela,” kucacisa uMotaung.

Leave a Reply

Your email address will not be published.