Alfred Ngubane
UJoseph “Banks” Sethlodi oyinkakha yeKaizer Chiefs futhi owaba ngowokuqala ukuba ngumqeqeshi abuye adlale kuleli qembu ngo-1982 uncoma ukuqashwa kuka-Arthur Zwane.
Uthi uKaizer Motaung wenze into enhle kakhulu ngokuwunika uZwane umsebenzi wokucija leli qembu ngokugcwele kusukela ngesizini ezayo.
“Azidle ekhaya vele manje. Nami ngayiqeqesha iChiefs ngo-1982 nganqoba zonke izindebe,” kusho eSethlodi osanda kwethula incwadi ekhuluma ngempilo yakhe.
“Ngonyaka olandelayo banika u-Elkim Pro Khumalo, naye wanqoba zonke izindebe. Kuzomele bameseke ngokugcwele uZwane ukuze aphumelele,” kuchaza le nkakha.
FUNDA NALA: Usuthu ludle umdlali ubegaqelwe iChiefs nePirates
Kuzokhumbuleka ukuthi uZwane ubalwa nezinye zezinkakha zeChiefs eziyibekile induku ebandla.
Khonamanjalo iChiefs imemezele ukuthi noBenard Parker uzogcina engene ethimbeni eliqeqeshayo kuelli qembu njengoba esenxenxwe ukuba aqale enze izifundo zokuqeqesha.
Lokhu kubuyisa ithemba ngokuthi amaqembu akuleli aseqalile ukubethemba abaqeqeshi bokuzalwa khona lapha ekhaya.
editor@impempe.com