Inkakha ithi abadlali bakuleli bantekenteke kakhulu, yingakho ibhola lifa nje

Inkakha ithi abadlali bakuleli bantekenteke kakhulu, yingakho ibhola lifa nje
UDavid Byrne
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Inkakha eyayigijima kwiHellenic, uDavid Byrne ithi ikhathazwa wukwehla kwezinga lebhola eNingizimu Afrika.

Le nkakha ikuveze lokhu engxoxweni yayo neMpempe kuleli viki, ethi ubona kuzoba mnyama kakhulu kunakuqala ngabadlali abahluleka ukuzitholela izindawo kumaligi amakhulu ase-Europe.

“Njengoba beshaya udaka lapha kwiDStv Premiership nje, bengagculisi neze nje, angiboni kahle.

“Iningi labo ngathi selidlalela ukuhola uma kuphela inyanga. Abanayo inhliziyo yokudlalela amaqembu ancintisanayo..

“Lokho abazikhathazi ngakho kodwa amakhanda ahlale ebheke phansi kubo uma umdlalo usinda,” kuchaza le nsephe.

Uthi ukubona abadlali abaqinile abasuka kuleli bafike bazibonakalisa naphesheya kwagcina ngezikhathi zangasekuqaleni ko-2000.

“Sigcine ukubona abadlali asebathatha umhlalaphansi ebholeni oBenni MacCathy, Quintin Fortune, Lucas Radebe, Siyabonga Nomvete, Phill Masinga, Mark Fish, Doctor Khumalo, John Shoes Mosheu, Sizwe Motaung, David Nyathi noSean Bartlett.

“Laba badlalele amaqembu amakhulu e-Europe, bamela izwe balenza lanqoba i-Africa Cup of nations ngo-1996 ngo-1998 badlala kwiNdebe yoMhlaba.

FUNDA NALA: UBrooks uveza okumenze adlale elinenkosi phakathi behlula iGhana

“Abadlali bethu bahlulwa ukumelana nokuncintisana nabadlali abaphuma emazweni omhlaba. Abadlali abasuka enhla ne-Africa bayakwazi ukumelana nokuncintisana nabadlali base-Europe naseSouth America ngoba bayazikhandla.

“Kumanje kuhlale kubanda noma kudlala imidlalo yomkhaya ngenxa yohlobo lwabadlali esibakhiqhizayo. Abanayo intshisekelo, basindwa yijezi nabalandeli.

“Awusakwazi nokubona ukuthi lo mdlali udlalela iqembu elikhu ngendlela adlala ngayo,” kukhala le uByrne.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.