Inkakha yeChiefs uSikhakhane uthi uBaxter akabuyele emuva usehlulekile

Inkakha yeChiefs uSikhakhane uthi uBaxter akabuyele emuva usehlulekile
UNtokozo Sikhakhane
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Google

UNtokozo “Koloba” Sikhakhane owayedlala kwiKaizer Chiefs kudala uthi kumele anikwe imidlalo emithathu umqeqeshi waleli qembu uStuart Baxter.

USikhakhane uthi uma imiphumela ingacaci kule midlalo emithathu ezayo, kumele avulelwe amasango aphume aphele eNaturena.

UBaxter uvele usefana nomuntu oshiphe kusahleziwe kamnandi eNaturena njengoba imiphumela imphika nje.

Okumenza abe yiqaqa kakhulu wukungafuni kwakhe ukunikwa oNjabulo Ngcobo noThabani Dube ithuba.

Usaqhubeka nokuqala imidlalo ngoMulomawandau Mathoho noDaniel Cardoso kanti abalandeli bakholwa wukuthi laba sebengamathofi nje.

“UBaxter wagcina kudala izinkukhu zisalala enqolobaneni. Ufike kabi ke kulokhu sezilala emthini,” kusho uSikhakhane.

“Mina angikuboni okusha noma okuhlukile asangakwenza uBaxter kwiChiefs. Kodwa kumele anikwe imidlalo emithathu bese uma kungajiki lutho axoshwe,” kuchaza yena.

Emidlalweni emithathu elandelayo Amakhosi azothwala kanzinyana njengoba ezobhekana naMaZulu FC ngale mpelasonto ezayo.

Usuthu lubonakala seluqala ukungena egiyeni ngemuva kokuqala kanzima kule sizini kanti noBongi Ntuli usebuyele efomini yakhe yokushaya amagoli.

Okulandela lapho izobhekana neChippa United eqeqeshwa ugavin Hunt oxoshwe ngendlela engacacile kwiChiefs ngesizini edlule.

Ngaphezu kokuthi uHunt uzobe efuna ukukhombisa abaphathi beZimpofana ukuthi benza iphutha, iChieppa ihlezi ivuka indlobane uma ibhekene neChiefs.

Ukusuka lapho izobe seyibhekana neSuperSport United nayo esefomini enhle kakhulu futhi eyaziyo inethi ukuthi ibhakuziswa kanjani.

Ngemuva kwale midlalo, iChiefs izobe seyidlale imidlalo eyisishiyagalombili kanti kuyaye kufanele kube sekucaca ukuthi iqembu libhekephi ngaleso sikhathi.

UKoloba uphinde waveza abanye abaqeqeshi acabanga ukuthi akusekude ukuthi bashenxiswe emaqenjini abakuwo njengamanje.

FUNDA NALA: Sekusefeka amathole emankonyaneni kwiSuper League 

Utshele Impempe ukuthi akamboni uLehlohonolo Seema ehalal isikhathi eside kwiGolden Arrows ngenxa yokuthi akeneme neze.

“Ubonakala ngisho ebusweni uSeema ukuthi akaneme. Inkinga yakhe wukuthi ngathi kukhona okungamenelisile kahle kwi-Arrows.

“Uyilenhlobo yomqeqeshi odinga ukwesekwa ngokugcwele kanti njengoba usihlalo we-Arrows uMato Madlala engekho nje eduze cishe lokho kuyamxhila.”

Uthe noHunt usehlezi ngesinqe esisodwa laphaya kwiChippa njengoba imiphumela ingamhambeli nje kahle.

“Ukuhlulwa imidlalo emithathi ilandelana yinto evele imume emphinjeni uChippa (Siviwe Mpengesi) ngakho angiboni uHunt uzohlala uma kungajiki izinti ngokushesha.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.