Inkakha yePirates ibona uHlatshwayo esangavuka abe yinsika yeqembu

Inkakha yePirates ibona uHlatshwayo esangavuka abe yiInkakha yePirates ibona uHlatshwayo esangavuka abe yiqhawe leqembuqhawe leqembu
UThulani Hlatshwayo oselizwa ngendaba ijezi kwi-Orlando Pirates
OkaDonga Gumbi 

Inkakha ye-Orlando Pirates uTeboho Moloi useveze uthando analo ngoThulani “Tyson” Hlatshwayo ambona esangaba yinsika yeqembu.

UHlatshwayo ufike kwiPirates kumasizini amabilie adlule ethwelwe ngeqoma kodwa wafike wahluleka ukuzibekisela indawo.

Wabekwa waba ngukaputeni efika nje ngenxa yezinga ayekulo nokuthi sase siside isikhathi ekusho ukuthi uyafisa ukudlala kuleli qembu.

Nokho amaphutha amabi ayewenza ashaye anamagoli ngakubo amenza wagcina eseyiqaqa kubalandeli kwagcina ngokuthi adliwe yibhentshi.

Noma kunjalo, uMoloi akalilahlile ithemba ngalo mdlali wasemuva oke waba ngukaputeni weBafana Bafana phambilini.

“Ngamazi esemncane uThulani futhi wayehlale ekusho ukuthi isifiso sakhe esikhulu wukudlala kwiPirates ngelinye ilanga,” kusho uMoloi.

“Wayejimela e-Orlando Stadium (uma kuvalwe isizini) ngakho ngeke ungitshele ukuthi usephenduke umquba womdlali kalula kanjalo nje.

“Lo muntu ubengukaputeni weBafana kanti udlalile nasemaqenjini esizwe abafana abancane kusukela kwabaka-Under 17 kuya kwi-Under 23…

FUNDA NALA: Abaxhasi bangene kwiSafa ngenhloso yokusiza ukuvundulula amakhono

“Uma kukhona la kwabhimba khona, yini eyenza lokho? Ungumdlali owazalelwa ukudlala kwiPirates, umdlali waselokishini ongumlandeli wePirates,” kuchaza uMoloi.

Ube eseveza ukuthi ibhola likaHlatshwayo lingavuseleleka uma leli qembu lingaqasha uBenni McCarthy ukuthi abe ngumqeqeshi.

“Uma uBenni engaya laphaya… phela kwesinye isikhathi ukukhuluma nomuntu owayengumdlali naye kuyawenza umehluko.

“Ukwazi ukuthi uThulani wakhula efuna ukuguqula impilo yakhe, (uBenni) engamsiza akwenze lokho, amenze abe ngumdlali omkhulu futhi. Iminyaka isamvuna vele uThulani.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.