Inkhakha ithi uPule Saleng uvuse uBotsotso Makhanya kwiBucs

Inkhakha ithi uPule Saleng uvuse uBotsotso Makhanya kwiBucs
UMonnapule Saleng

 

U-Albert “Bashin” Mahlangu owayengumdlali we-Orlando Pirates uthi kumhlabe umxwele ukubona uMonnapule Saleng ejika abadlali beMamelodi Sundowns.

Uncoma umjiko wakhe athi uyaphambili akuwona owokuchoma noma ukuhlanyisa izinhlwele nje kuphela.

“Lo mfana unesibindi. Uyambona noma engakajwayeli kahle ukuthi kuzokhalwa kweminye imizi,” kusho uMahlangu.

Uthe indlela uSaleng adlala ngayo imkhumbuza enye ikhakha yePirates eyayidume ngomjiko wayo omuhle u-Ernest “Botsotso” Makhaya.

“UMonnapule Saleng usikhumbuza uBotsotso Makhaya ngomjiko wakhe. Ngicabanga ukuthi i-Orlando Pirates isayinise kahle abadlali abancane abasadinga ukuzibonakalisa.

“NoNdabayithethwa Ndlondlo umnandi kakhulu enkabeni yesisu kanti kukhona noNkosinathi Sibisi emuva,” kuqhuba uMahlangu.

IPirates idlala elihle ibhola kule sizini kanti umdlalo ebukise kuwo nguwo lo weSundowns kwiMTN8 la uSaleng ebebashiya bebheke phezulu abadlali beSundowns.

Nokho isenenkinga yokushaya amagoli. Ngalokhu, uMhlangu uthi kudingeka bayemukele inselelo yokuthola umqeqeshi wabagadli ozokwazi ukucathulisa abagadli.

FUNDA NALA: Uxoshelwa ukuxhuga kupholile uSamir Nurkovic kwiRoyal AM

“Uyafuneka ozosiza abagadli ngokuthi inethi ishaywa kanjani. Sibonile kumaqembu aphesheya abaqeqeshi abahlukene ngezindawo ezikhona emaqenjini.

“Nalapha ekhaya AmaZulu asebenzisa uSiyabonga Nomvete ukuthi apheke abagadli,” kusho Mahlabgu owaduma kakhulu ngokushaya amagoli ekude nepali.

Lokhu kudedela kwakhe izimbulunga zamabhola ejude kwenza waze waqanjwa igama lesiteketiso lokuthi “Ayashisa amateku”.

– Alfred Ngubane

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *