Inkinga kuPitso kumiswa izihlabani ze-Al Ahly

UHussein El-Shahat noMahmoud Kahrada abangeke badlale kowe-Al Ahly olandelayo kwiFifa Club World Cup

INTATHELI YEMPEMPE

Izihlabani ze-Al Ahly uHussein El-Shahat noMahmoud Kahrada zimisiwe ukudlala umdlalo olandelayo kwiFifa Club World eqhubekayo, ngenxa yokungayilandeli imiyalelo yeCovid-19.

I-Al Ahly ishaywe ompetha base-Europe iBayern Munich ngo 2-0 emdlalweni owandulela owamanqamu, lapho bekubhoke khona uRobert Lewandoski oshaye amagoli amabili.

Ngemuva komdlalo u-El-Shahat noKahraba babonakale bexhawulana nenkakha yase-Egypt, uMohamed Aboutrika. Ngenxa yalesi senzo iFifa ibamisile ekutheni badlale umdlalo lapho kuzocaca khona iqembu elizophuma endaweni yesithathu kwiFifa Club World. I-Al Ahly izobhekana nompetha beCopa Libertadores, iPalmeiras, ngoLwesine ngo-5 ntambama.

Laba badlali bobabili bawuqalile umdlalo owandulela owamanqamu futhi benza kahle kakhulu ngaphambi kokuthi bakhishwe. U-El-Shahat uyena umdlali we-Al Ahly osadlale kahle kulo mqhudelwano kuze kube yimanje, njengoba eshaye igoli (okuyilona lodwa enalo) bebhekene ne-Al-Duhail emdlalweni wokuvula. Ngakolunye uhlangothi uKahraba udlale kahle kakhulu bebhekene neBayern Munich, eyiphela endlebeni odongweni lwayo.

Njengamanje umqeqeshi uPitso Mosimane akungabazeki udunyelwa yikhanda ukuthi uzozivala kanjani izikhala esezivuleke ngokumiswa kwalaba badlali. Lo mdlalo wangoLwesine ubalulekile kwi-Al Ahly ukuthi ibuyise isithunzi sayo ngemuva kokwehluleka ukudlulela kowamanqamu.

UMosimane uyaziwa ukuthi akezwani nokuhlulwa kungakhathalekile ukuthi usuke edlala muphi umdlalo. Akukona okokuqala eya kwiFifa Club World Cup njengoba eke wayibamba kuyona neMamelodi Sundowns. AmaBrazilians aya kulo mqhudelwano ngemuva kokuwina indebe yeCAF Champions League ngo-2016. Nayo i-Al Ahly ikulo mqhudelwano nje yingoba iyona ebe ngompetha beChampions League yase-Afrika ngonyaka odlule.

Leave a Reply

Your email address will not be published.