Intatheli yeMpempe
Sekukhona inkinga yokungaboni ngasolimnye phakathi kweMamelodi Sundowns neSuperSport United ngodaba lukanozinti uRonwen Williams.
Lo nozinti bekubhekwe ukuthi ajoyine iSundowns esuka kwiSuperSport njengoba kuvulwe iwindi lokusayina abadlali nje.
Obekuzokwenzeka wukuthi Amatsatsantsa wona athole uRicardo Goss nemali ngaphezulu, bese ededela uWilliams.
Kodwa osekuvelile wukuthi umbandela weSuperSport wokuthi yona imfuna ngokugcwele uGoss hhayi ukuthi ibilekwe sewubambezele lokhu kushintshana ngabadlali.
Bobabili oWilliams noGoss bazimisele ngokushintsha amaqembu abadlala kuwo kodwa kubukeka kungase kugcine kungenzekanga.
FUNDA NALA: IRoyal AM ihlanza amaqiniso ngendaba kaLetsoalo neChiefs
Kwenzeka konke lokhu nje kuthiwa iPirates ihlikihla izandla futhi iconsa namathe njengoba ibheke isiphetho – phela nayo iyazifela ngoWilliams.
Nokho lo nozinti yena wakuveza kwaba sobala ukuthi ufisa ukuyoyidova kwiSundowns ngoba ufuna ukudlala kwiCaf Champions League ukuze aqinise amava akhe.
Impempe izolokhu ilulandela lolu daba bese ikubikela uma kwenzeka kuba khona uguquko noma okusha ngalo.