Inkinga yonozinti kwiPirates? UDavids akakhathazekile neze

Inkinga yonozinti kwiPirates? UDavids akakhathazekile neze
UKopano Thuntsane
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

Sekuyiphindile i-Orlando Pirates okuyenze ngesizini edlule ibhekana nenkinga yonozinti.

IPirates ilinyalelwe ngoRichard Ofori noWayne Sandilands okuyishiya noSiyabonga Mpontshane kuphela kwabanamava.

Nangesizini edlule yake yabhekana nale nkinga futhi bekulindeleke iqinise kulo mkhakha ngaphambi kokuqala kwesizini.

Ike yamataniswa nonozinti weGolden Arrows uSifiso Mlungwana kodwa wagcina engasayinwanga.

Kumanje iPirates isisebenzisa umfana osemncane uKopano Thuntsane njengogade ukungena uma kungenzeka uMpontshane angakwazi ukudlala.

Kuyinto eyaziwayo ke ukuthi naye uMpontshane usenakho ukuthandwa wukulimala okungase kuyifake enkingeni iPirates evele idonsa kanzima.

Nokho umqeqeshi waleli qembu uFadlu Davids uthi abakhathazekile neze ngale nkinga yonozinti.

“Sineqoqo labadlali abasebancane abadlala kwiDDC (DStv Diski Challenge) eqenjini ngoba basebancane.

“Kukhona uSimiso Bophela, Boitumelo Radiopane, Thabiso Monyane no-Ayanda Sithole (ongunozinti).

“Siyabafaka eqenjini elikhulu ngokwehlukana ukuze bathole amava,” kusho uDavids ebuzwa ngale nkinga.

FUNDA NALA: ULakay uthi iSundowns izoqoqa kwasani

“Ukulimala kuka-Ofori noSandilands njengamanje sekuvulele uThuntsane ithuba lokuba angene ebhentshini.

“Kodwa asisabi neze, indlela adlala ngayo nenza ngayo nasejimini yinhle kakhulu.

“Umqeqeshi wonozinti wenza omuhle umsebenzi kuye nabanye onozinti abasebancane.

“Bayanda abadlali abasebancane abakhushulwa besuka kwiDDC bezojima eqenjini elikhulu.

“Lokho sikubuka njengesinyathelo esibheke phambili futhi asisabi ngoba uma livela ithuba lokuthi adlale uKopano siyazi uzolibamba ngezandla zombili,” kuchaza uDavids.

IPirates izogadulisana neSekhukhune United emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili ngo-5.30 ntambama.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.