‘Inkomo’ eyahluleka kwiPirates neChiefs ikhala ngobuthakathi ebholeni kuleli

Ukhala ngobuthakathi ebholeni lakuleli owahluleka kwiChiefs nePirates
UBongani Ndulula nozakwabo ayedlala nabo kwiBafana Bafana kudala
Sbongs Gumbi

Umgadli owahluleka waze wancama ukuzakhela igama ebholeni lakuleli yize ayesedlala emaqenjini amakhulu iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates ukhala ngobuthakathi.

UBongani “Drogba” Ndulula uthi kunezinto ezavele zamenza umphuphe womdlali esikhaleni ekubeni wayekade eza kahle.

“Kunzima… Kunzima ebholeni,” kusho uNdulula, owaqanjwa elikaDrogba ngoba efaniswa noDidier Drogba wase-Ivory Coast kwabeTK Solutions uhlelo olukwiYouTube.

“Bakuthakatha ngale ndlela yokuthi ugcina usubonakala njengomuntu oyinkomo, ongakwazi nhlobo ukudlala ibhola.

“Uthakathwa yilo ohlezi unaye. Ubuthakathi babo bukwenza uhlulwe yibhola sekusele ulithinte nje leqe ulayini bese likhalajathela enethini.

“Usala uzibuza ukuthi kodwa ngiligeje kanjani leliya bhola,” kusho uDrogba osekukaningi ekhala ngobuthakathi ebholeni.

UNdulula wake waba ngomunye wezihlabani kwiBafana Bafana ngesikhathi isaqeqeshwa nguShakes Mashaba yena edlala kwiBloemfontein Celtic.

Ukusuka lapho wasayinwa yiPirates. Kwathi uma imchitha wagcina edlale kuMaZulu neKaizer Chiefs, nakhona kwala khona ukwenza.

FUNDA NALA: Kuzohloishwa oweMambazo ngomjaho wabasubathi

“KuMaZulu, unyawo lwami lwaluhlale lubuhlungu. Kwakuthi uma nje ngike ngafaka ikhokho, kusuke lokho, ngizwe ubuhlungu engingabazi.

“Lobu buhlungu bebunyamalala uma ngizigqokele amateku noma izicathulo zami ezijwayelekile. Ngangize ngifake ispontshi emakhokhweni ukwehlisa ubuhlungu.”

Nokho akazange avume ukukhuluma ngobuthakathi obenzeka ngesikhathi edlala kulezi zinkunzi zaseSoweto iPirates neChiefs.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.