INKUMBULO: Bakhunjuzwe ubumnandi bokudlala phambi kwabalandeli abeChiefs

UNkosingiphile Ngcobo
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

UNkosingiphile Ngcobo ngomunye wabadlali abenza kahle kwiKaizer Chiefs kule sizini. Futhi nje usephenduke ithemba kubalandeli baleli qembu njengoba sebeke bamvotela njengovelele kwaze kwaba amahlandla amabili.

Kodwa selokhu engenile eqenjini elikhulu uNgcobo akakalitholi ithuba lokudlala phambi kwabalandeli bembuka bukhoma. Lokhu kungenxa yokuvalwa kwabalandeli emidlalweni yakuleli njengoba kusazanywa ukuthonya ukubhebhetheka kweCovid-19 nje.

UNgcobo ulitholile ithuba lokudlala phambi kwezinkumbi zabalandeli ngesikhathi beseTanzania ngempelasonto. Yize umdlalo bewubasinda futhi zonke izihlwele zilwa nabo, kodwa bakuthokozelile ukudlala phambi kwazo. Futhi ke nomsebenzi bawenzile ngoba bangenile emidlalweni eyandulela owamanqamu kwiCAF Champions League.

“Bekumnandi ukudlala phambi kwezibukeli eTanzania, sifisa ukuthi nakuleli abalandeli bangabuyela ezinkundleni ngokushesha,” kusho uNgcobo. Uzophinde angene enkundleni ethule cwaka ngoLwesithathu njengoba bezobhekana neBlack Leopards emdlalweni weDStv Premiership.

“Ngicabanga ukuthi iLeopards izolwa ngoba izama ukuvika izembe kanti nathi siyawadinga amaphuzu. Kuzoba wumdlalo onzima,” kusho uNgcobo.

ILeopards iyivale emsileni kwilogi kanti ukushaywa ngoLwesithathu kungayifaka enkingeni enkulu njengoba izobe isisele nemidlalo emibili kuphela.
Email: Editor@impempe.com | Twitter: @impempe_com | Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.