Inqaba ukwenziwa iminqolo ishayelwe ekhaya iSharks

UThembelani Bholi

SIHLE NDLOVU

ICell C Sharks neDHL Stormers bazongena eJonsson Kings Park befuna ukushaya into ecokeme emdlalweni weRainbow Cup SA ngoMgqibelo ngo-1 ntambama. La maqembu azobe esetholana phezulu okwesibili kulo mqhudelwano kule sizini.

Emdlalweni wokuqala kuwine iSharks ngo 33-30 eKapa, kanti akungabazeki ukuthi iStormers izobe ifuna ukuziphindiselela. Ngakolunye uhlangothi, iSharks izobe ilwela ukuwina kulandela ukuphoxwa yiVodacom Bulls ngesibhaxu sika 43-9 ePitoli ngoMgqibelo odlule.

Kunoshintsho olwenziwe umqeqeshi weSharks, uSean Everrit, njengoba beya kulo mdlalo. U-JJ van der Mescht uzoqala umdlalo kanti uRuben van Heerden uzoqala ebhentshini. USikhumbuzo Notshe, olimale bedlala neBulls, ngeke abe khona kulo mdlalo njengoba ezohlala izinyanga ezimbalwa engadlali.

Lokhu kuphoqe ukuthi uHenco Venter aye kuNombolo 8 kanti indawo yakhe izothathwa nguThembelani Bholi kwi-Scrum. Olunye ushintsho olukhona ukuthi uMarius Law uzobuyela eqenjini athathe indawo kaJeremy Ward.

Ngaphandle kwalokho akukho okunye okushintshile njengoba iqembu lizobe liholwa ukaputeni uLukhanyo Am njengenjwayelo.

“Abafana bayaziqhenya futhi bafuna ukulwa ngayo yonke indlela. Yize sishayiwe ngeledlule kodwa kodwa kusazodlalwa kakhulu. Sinemidlalo emithathu esele futhi kuqala ngokuthi sibuye ngalo wangoMgqibelo.

“Asikaphumi nakancane embangweni,” kusho u-Everitt. “Sisesendaweni enhle kakhulu, iBulls isishiya ngamaphuzu amathathu kuphela. Sisazodlala nabo ekhaya futhi kade sagcina ukushaywa eJonsson Kings Park. Sifuna ukubuyela emgqigqweni wethu futhi sifuna ukuwuwina lo mqhudelwano.”

Irekhodi leSharks lasekhaya liyinto ebalulekile futhi yinto abafuna ukuyigcina kule mpelasonto nasemqhudelwaneni wonke.

“Yikhaya lethu leli, lapho sihlala khona futhi idolobha liyaseseka,” kusho iphini likakaputeni uHenco Venter. “Ngeke sizithambise sivumele iStormers ukuthi ize lapha isihlwithe lokho. Silindele inselelo enkulu kodwa sizobhekana nayo nakanjani.

“Siyajabula ukuthi sizodudulana nabadlali babo baphambili ngoba sifuna beze lapha bakhiphe konke abanakho. Sifuna ukushaya amaqembu ahlonishwayo.” Khona ngoMgqibelo iBulls izotholana phezulu neLions e-Emirates Airline Park, eGoli, ngo-3.30 ntambama.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *