Inqabe ekugcineni ukushaywa iBaroka ibuya selishonile ibamba iChiefs

ULebogang Manyama

OKADONGA GUMBI

Bobabili iBaroka FC neKaizer Chiefs bazowakhalela amathuba abawagejile abengabenza bathole umphumela ongcono emdlalweni wabo weDStv Premiership obusePeter Mokaba Stadium, ePolokwane ngoLwesine ntambama.

Nokho ngenxa yokungakwazi ukuwusebenzisa amanye amathuba, bagcine bebambene ngo 1-1, okuwumphumela ongemubi kodwa ongemuhle ngokufanayo.

Ukube iChiefs iwinile, beyizogxuma yeqe iTS Galaxy ingene emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu kwiligi.
IBaroka yona beyizokwandisa ibanga eliphakathi kwayo namaqembu asezindaweni zezembe.

IChiefs iphikelwe iphenathi ngomzuzu weshumi umdlalo uqalile ngemuva kokuwiswa kukaSamir Nurkovic ngaphakathi ebhokisini leBaroka. Amakhosi abefuna ukusheshe alishaye igoli okuyinto ebizoyigqilaza iBakgaga.

Iwatholile namanye amathuba kodwa kwasho ukuthi ayibukhathi kakhulu phambili la beyiphake khona uNurkovic noKhama Billiat, belandelwa eduze nguLebogang Manyama.

NeBakgaga nayo ibe nawo eyawo amathuba, kodwa yangawasebenzisa. Icishe yahamba phambili nokho ngomzuzu ka-33, kodwa ibhola ebelingqofwe nguGerald Phiri Junior laceza kancane eceleni.

Amakhosi agcine eyithilile imbobo odongeni lweBaroka ngomzuzu ka-58, uLebogang Manyama ezithola esebhekene nonozinti, u-Oscarine Masuluke, wamjika qede walibasela enethini.

Ubeqedela umnyakazo omuhle obudlalwa ngoNkosingiphile Ngcono, Njabulo Blom noKhama Billiat. Amakhosi acishe aliphinda elinye emizuzwini embalwa ukusuka lapho.

UPhiri ubethi uyaqeda ngo-Itumeleng Khune ngomzuzu ka-62, kodwa ibhola lakhe laphuma kancane phezu kwepali. Nokho bekubukeka sengathi uKhune ubezolivimba ukuba beliya enethini.

NoTsediso Patjie ubesanda kungena uke wamzama uKhune kuyi-free kick ngomzuzu ka-75, kodwa lo nozinti wamkhumbuza ukuthi kungani ebengunombolo 1 isikhathi kangaka kuMakhosi, walichitha ibhola lakhe.

Nokho ligcine limdlile ngomzuzu ka-80, u-Evidence Makgopa walivalela enethini kwaba ngu 1-1, eqedela umnyakazo osheshayo wokuhlasela sakuzuma weBaroka ebisibona ukuthi liyayishonela ilanga.

UMasuluke uphike walala ngomhlane uBilliat ethi ufuna ukuba yiqhawe ngokushaya igoli lokuwina sekubalwa imizuzwana umdlalo uphele.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe.com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.