UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter
Intombi yomdlali weMachester United uMason Greenwood imsola ngokuthi uyilimaze kanzima ngemuva kokuvulela amavelemane kuyo ngempelasonto.
UHarriet Robson ufake izithombe namavidiyo kwi-Instagram ngeSonto ekuseni eveza ukuthi ulimale kanjani ngemuva kokuthi eshaywe nguGreenwood.
Lezi zithombe sezivele zasabalala kanti abantu baphendula ngokuthi kumele lo mdlali aboshwe ngokuzenza uMike Tyson avulele amavelemane kumuntu wesifazane.
Le ntokazi esencane ifake ividiyo la ivuza khona igazi emakhaleni yabe seyiyiphelezela ngombhalo othi kulabo abafuna ukwazi ukuthi uMason Greenwood ungenzani.
FUNDA NALA: UThabiso uphinde wakhala ngaphansi kuMakabu, ubuye elambatha
Sekuvele nokuthi ngathi akusikhona okokuqala lo mdlali osemncane ekwenza lokhu okuyingakho sekwenze abaningi bathukuthela bathi kumele aboshwe.
Abanye bathi iManchester United kumele imxoshe ngoba ayikwazi ukuzihlanganisa nomdlali ongakwazi ukuziphathisa okomuntu kodwa ozenza isilwane.
Bekungakacaci ke nokho ukuthi ngabe intombi kaGreenwood iyile yini emaphoyiseni ukuyovula icala njengoba ilimale kanzinyana nje.