Inwebe igebe iSundowns, ngabe isazoficeka noma seyiyobanjwa entanjeni?

UPeter Shalulile weMamelodi Sundowns umshiye elele kanje unozinti weBaroka, u-Elvis Chipezeze

OKADONGA GUMBI

Ukhona osazoyifica iMamelodi Sundowns? Lo mbuzo uvela ngemuva kokuthi leli qembu eliphekwa ngabaqeqeshi abathathu liveze ubungozi balo lijikela iBaroka FC ebizibona inethuba lokuyimangaza, layivuthela ngo 2-0 ngoLwesithathu ntambama.

ISundowns seyivule igebe lamaphuzu amathathu phezulu kwiDStv Premiership kanti yize kusasele imidlalo angu-14 kufikwe entanjeni.

Indlela esefomini ngayo ngesikhathi amaqembu ebanga nawo emjahweni wesicoco seligi esashisa abuye abande, yenza kubonakale kungaselula ukuthi ificeke.

Kodwa-ke, yibhola leli futhi linezimanga zalo ezingeqondwe muntu. IBaroka beyiza nayo nzima iSundowns kuyiyona edlala kangcono futhi kubonakala ingawuphazamisa umgqigqo weBrazilians, kodwa kuthathe imizuzu emihlanu ukuthi leli qembu laseChloorkop lenze lokhu obekuyihlula – yashaya amagoli amabili.

La magoli ashintshe isimo somdlalo savuna iMasandawana obesekucaca ukuthi izowawola wonke amaphuzu kulo mdlalo obuseLoftus Stadium, ePitoli.

IBakgaga beyifike eLoftus ikwazi ekuzele futhi beyivale kahle emuva njengoba iSundowns beyingawakhi ngendlela ejwayele ngayo amathuba okushaya amagoli.

Empeleni nje, kube yiBaroka ebe namathuba angcono ngesiwombe sokuqala kwala khona ukuthi iMasandawana beyivale ngoDenis Onyango emapalini ayo. Lo nozinti ubeyichitha yonke imizamo yeBakgaga.

Nangasekuqalemi kweesiwombe sesibili iBaroka iyibambe kahle, ihlasela ngokukhululeka futhi bekumele ilithole igoli ngomzuzu ka-58, kodwa yaliyeka ithuba elihle.

Nokho ibe seyigxila ekuhlaseleni yalibala wukuthi iyingozi kanjani iSundowns phambili. UGaston Sirino uyizume kabuhlungu ngomzuzu ka-64, wahamba nebhola waze wayolinamathisela enethini.

Ngemuva kwalokho umdlalo ujikile kwaba yiSundowns esiwuphethe, kwacaca ukuthi seluqalile usizi kwiBaroka. Ngemuva komnyakazo omuhle weSundowns, uPeter Shalulile usale nomsebenzi olula wokuphushela ibhola enethini ngomzuzu ka-68.

Izamile ukubuya iBaroka, ngomzuzu ka-73 kodwa uMosa Lebusa wamphuca ngobuchule umgadli ibhola esethi uyakhahlela. Ibhola lisuke lapho laya ngqo emapalini eBaroka la uKermit Erasmus eshaye ipali eseqedile ngo-Elvis Chipezeze.

Ngomzuzu ka-78, u-Onyango wenze iphutha ibhola lawela kuPhelelani Shozi weBaroka, wadedela udalimede kodwa uRicardo Nascimento walivimba sekuvalwe amehlo.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com 

Leave a Reply

Your email address will not be published.