Inyanga yodumo ifuna asheshe abuyele eringini uMdletshe

Inyanga yodumo ifuna asheshe abuyele eringini uMdletshe
UThulani "Dr 3 Seconds" Nkwanyana
Alfred Ngubane

Inyanga eyaziwa ngelikaDr Thulani “3 Seconds” Nkwanyane ifuna uKhumbulani “Flint” Mdletshe asheshe abuyele eringini ngemuva kokuhlulwa ngempelasonto.

UNkwanyana usenxuse umhleli wezimpi zesibhakela uZwilenkosi Magudulela weLudonga Boxing Promotion ukuthi asheshe atholele uMdletshe impi.

“Lo mfana ulwe impi esezingeni eliphezulu kakhulu, wakhombisa ukuthi khona akakuphethe esandleni,” kusho uNkwanyana.

“Singahlomula ngezicoco eziningi kakhulu ngaye,” kusho yena. Kuyacaca uhlabeke umxhwele ngale nsizwa yaseMpandeni uNkwanyana naye awake wasishaya isibhakela kudala.

Nakuba ehluliwe kodwa abaqhathi besibhakela, ongcweti nabalandeli bathi makanikwe elinye ithuba ngokushesha.

UMdletshe uhlulwe nguLybon Ntshani empini yesicoco seWBF ezingeni le-Afrila empini ebisekwaNongoma ngempelasonto edlule.

FUNDA NALA: UPitso wesule abalandeli be-Al Ahly izinyembezi ngewini enkulu

UVusi Mtolo, ungomunye ophumele obala wathi uMdletshe uyigezile inhliziyo yakhe futhi kumele anikezwe elinye ithuba.

“Ngicabanga ukuthi ubeze kithina edlalile ubezosihlula. Ngiyabona ukuthi kudala egcinile ukungena eringini.

“Uyingozi kakhulu ngoba unekhono, uyakwazi nokungcwekisana nensizwa kanti izandla zakhe zombili zisebenza kahle.

“Ngimfisela inhlanhla,” kusho uMtolo ongumqeqeshi kaNtshani lo okunguye oqede ngoMdletshe emshayela ekhaya.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *