Sihle Ndlovu
IPakistan ishaye iNingizimu Afrika ngamawikhethi ayisikhombisa kwiTest yokuqala, osukwini lwesine eNational Stadium, eKarachi, ePakistan ngoLwesihlanu.
AmaProteas awabhethanga kahle neze kule Test kusukela ewine ithosi akhetha ukubhetha ngoLwesibili. Kwi-innings yokuqala akwaze ukwenza ama-run angu-220 kuphela akhishwa wonke. Umdlali owenze kangcono kule innings uDean Elgar ohlanganise ama-run angu-58.
Iphendula iPakistan yenze kangcono kakhulu kuneNingizimu Afrika ishaya ama-run angu-378. Lokhu bekusho ukuthi iNingizimu Afrika bekumele ibhethe kahle kwi-innings yesibili kodwa yahluleka yancama ukwenza lokho.
Iqembu lakuleli likhishwe lonke lisenze ama-run angu-245 nobekusho ukuthi iPakistan ibidinga ama-run angu-88 kuphela ukuze iwine iTest yokuqala. Kwi-innings yesibili yamaProteas u-Aiden Markhram uyena umdlali owenze kangcono eshaya ama-run angu-74. IPakistan izihambele kalula kwi-innings yesibili, yawina umdlalo wokuqala yahamba phambili ngo 1-0 kulolu chungechunge lwemidlalo emibili.
AmaProteas kuzomele abhukule kwiTest yesibili eqala ngoFebhuwari 4 uma ezimisele ngokungalahlekelwa yilolu chungechunge lwemidlalo. Ngemuva kwemidlalo yamaTest emibili kuzoqala eyeT20 ngoFebhuwari 11.