IPakistan yone usuku lukaBavuma ishaya amaProteas eCenturion

Ukaputeni wamaProteas uTemba Bavuma

SIHLE NDLOVU

IPakistan imqalise kabi ukaputeni omusha weNingizimu Afrika, uTemba Bavuma, ngesikhathi ishaya amaProteas ngamawikhethi amathathu emdlalweni wokuqala wosuku olulodwa eSuperSport Park, eCenturion, ngoLwesihlanu.

Kulo mdlalo obekungacacaci ukuthi kuzowina liphi iqembu kwaze kwaba u-Andile Phehlukwayo, wamaProteas, ushwiba ibhola lokugcina, kuhlalukile ukuthi kukhona okumele kulungiswe ngokushesha eqenjini laseNingizimu Afrika.

Kube ukubhetha okuhle kukaBabar Azam (103) no-Imam-Ul-Haq (70) okwenze iPakistan yashelela nge-innings yesibili. U-Imam noBabar bebelishaya kanzima ibhola nokwenze ukaputeni wamaProteas, uBavuma, wabukeka edidekile ukuthi yimuphi umshwibi okumele amnike ibhola ashwibe. Naye uBavuma, obehola amaProteas okokuqala njengokaputeni, akukho akwenzile kulo mdlalo njengoba ephume esenze i-run eyodwa. Omunye umdlali wePakistan owenze kube uRizwan oshaye ama-run angu-40.

Kwale ngisho esezama u-Anrich Nortje othathe amawikhethi amane kodwa yabambelela iPakistan yaze yashaya intambo, yize bese kuvalwe amehlo ekugcineni.

IPakistan iwine ithosi yakhomba amaProteas ukuthi abhethe kuqala kulo mdlalo. Aliqalanga kahle neze iqembu lakuleli njengoba kuwe amawikhethi amane ngokushesha kwacaca ukuthi lizokhishwa lonke lingakenzi lutho. Empeleni amaProteas ake azithola ena 55/4.

Kuze kwasiza ukudlala kahle kukaRassie van der Dussen noDavid Miller abahlanganise ama-run angu-116 ndawonye. UVan der Dussen ushaye ama-run angu-123 engaphumanga, kanti uMiller uphume esenze ama-run angu-50. Omunye umdlali owenze kangconywana kumaProteas uPhehlukwayo oshaye ama-run angu-29.

Abadlali abavulayo bamaProteas bashaye into ephansi kakhulu njengoba u-Aiden Markram enze ama-run angu-19 kuphela, kanti umdlali ovula naye uQuinton de Kock uhlanganise angu-20. INingizimu Afrika iqede ama-over angu-50 seyenze ama-run angu-273.

AmaProteas kuzomele avuke azithathe emdlalweni wesibili eWanderers Stadium, eGoli, ngeSonto. Kulo mdlalo azobe egqoke imibala epinky njengoba kusuke kuzwelwana nabantu abaphila nomdlavuza. Iqembu lakuleli alivamisile ukwehlulwa uma lidlala lo mdlalo ligqoke oku-pinky.

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.