Iphenduke omajamedamini i-Arrows ivulelwa isahluko yiSuperSport

Iphenduke omajamedamini i-Arrows ivulelwa isahluko yiSuperSport
USipho Mbule
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

IGolden Arrows yenze ekwaziyo idlala elihle ibhola, kodwa beyivele iphendule omajamedamini uma sekufanele yakhe amathuba okushaya amagoli ukuze iwine umdlalo.

ISuperSport United yona yenze lokhu okubalulekile, yashaya amagoli amathathu aqinisekise ukuthi amaphuzu amathathu asala ekhaya.

Lo mdlalo weDStv Premiership bewuseLucas Moripe Stadium, ePitori ngoLwesithathu ntambama kanti Amatsatsantsa awine go 3-1.

Iminyakazo beyimihle kuwo womabili amaqembu futhi kukhombisa ukuwi awasabani qobo. Nokho ubukhali uma sekusondelwa egolini bebushoda.

Nokho liqhamukile igoli ngomzuzu ka-29. Kube wumnyakazo omuhle oqhamuke no-Iqraam Rainers kwesokudla, wangena ekhishini lakoMahlase elikhipha imanta kuNkosinathi Sibisi.

Ugudle nale wabe eslivundlisa nenkundla labehlula abebeseduze kodwa lahlangana noTeboho Mokoena ngale, wavele walinamathisela enethini.

Kuze kwayiwa ekhefini iSuperSport ihamba phambili ngaleli goli, kodwa beyingalithola elinye ukuba amathuba abesetshenziswa.

I-Arrows yenze izinguquko ekuqaleni kwesiwombe sesibili kanti yize ngokomdlalo beyisingcono, izinto zivele zabhimba kakhulu.

Kuthe kusaphele imizuzu engu-11 siqalile isiwombe, iSuperSport yathola igoli lesibili. UBradley Grobler ushayele uSipho Mbule iphasi kanokusho.

Naye uMbule akabange esacucuza, walingqofela enethini wasala ethuka ubala uSifiso Mlungwana selimdlile.

Ngemuva kwalokho bese kuyi-Arrows ehlaselayo kodwa beyibukeka iphelelwa amaqhinga okugqobhoza udonga lweSuperSport emuva.

Kuthe kusenjalo, u-Onismor Bhasera washaya ibhola elide efuna uThamsanqa Gabuza obengene ngesiwombe sesibili.

Nebala limficile, walibeka kamnandi esifubeni qede wajika uMathome Mathiane wamshiya eshishiliza phansi.

Ube esebhekana ngqo noMlungwana, walikhipha ekhishini layokhalakathela enethini kwaba ngu 3-0 kwabe sekucaca ukuthi amaphuzu asala ephelele ePitori.

FUNDA NALA: UBrooks ufuna iBafana iphinde eyakugcina ngo-2002 ngokungena kwiNdebe yoMhlaba

Ilitholile i-Arrows elokubika ekhaya ngomzuzu ka-90 ngemuva kokubekelwa iphenathi. UNhlapo ubesunduze uPule Mmodi engaphakathi ebhokisini kanti unompempe uyambona.

USiphamandla Sabelo, obesand akungena, nguye ophakamise isandla wathi uzoyishaya iphenathi. Ube eseyishaya ngobuchule, uRonwen Williams wandiza waphambana nalo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.