Iphike ekugcineni iSwallows ukushawa yiStellies

Iphike ekugcineni iSwallows ukushawa kwiStellies
Sihle Ndlovu

IStellenbosch FC yenze edume ngakho ngesikhathi idedela iSwallows FC igoli ekugcineni emdlalweni weDStv Premiership ophele ngo 1-1, eDanie Craven Stadium,eKapa, ngoLwesithathu.

IZinyoni bezize kulo mdlalo zisendaweni engeyinhle ngasemsileni welogi, kanti sekuke kwabikwa ukuthi abanye abadlali abaziqeqeshi nayo ngoba bengaholile.

Lokhu akukuhle neze kuleli qembu njengoba lizama ukuhlala kwiPremiership, okubukeka kuzoba wumqansa uma liqhubeka nokungawini.

Akugqamanga kodwa ukuthi iSwallows inezinkinga njengoba ibivutha bhe ngesiwombe sokuqala, ifika qathatha emapalini kaSage Stephens.

Nokho lo nozinti weStellenbosch ubengafuni lutho, evimba ngisho impukane. Ngesikhathi kusabhekwe ukuthi iZinyoni zizoshaya igoli livele laqhuma kuThela Thela, libekwa phakathi uZitha Kwinika ngomzuzu weshumi, yahamba phambili iStellies.

ISwallows ayizange ikhathale ibilokhu iya phambili izama ukuthola igoli lokulinganisa. Nokho wonke amathuba amahle ewakhile agcine engaholelanga ekutheni ithole igoli.

Ngesiwombe sesibili bese kuvutha iStellies kucaca ukuthi ingalishaya noma yinini igoli lesibili. Bekubhoke uJunior Mendieta obefika kushayisane amadoda odongeni lweZinyoni.

FUNDA NALA: ISundowns seyifikile e-Egypt la izohlala khana amaviki amabili

Ngemuva kwalokho kube yiSwallows ephinde yathola amathuba amaningi okulinganisa kodwa ibilokhu igeja njengoba beyenza ngesiwombe sokuqala.

Kwale noma esenza izinguquko umqeqeshi uDylan Kerr kodwa zangahlana izinto eqenjini lakhe. Ibihlasela iSwallows kodwa iStellies ingasafuni lutho emuva.

Nokho kuthe ngomzuzu wokugcina ngci iSwallows yagcina ilitholile lokulinganisa elize noWandisile Letlabika.

Ngasohlangothini lweStellies ukuwina bekuzoyenza yenyukele endaweni yesibili kwilogi, igudluze i-Orlando Pirates ngaphambi kokuthi ibhekane neGolden Arrows ngoLwesithathu.

Igcine inyukele endaweni yesithathu ngenxa yokulahla amaphuzu amabili ekugcineni.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.