Iphinde lokho iSundowns izidlela amahlanga kwiPirates

UThemba Zwane noNtuthuko Mabaso

OKADONGA GUMBI

Sekucacile ukuthi inkinga ye-Orlando Pirates uma ibhekene neMamelodi Sundowns ingaphezulu kokwenzeka enkundleni.

Indlela iSundowns esibukise ngalo iBhakabhaka kuyacaca seyibalimaze nasengqondweni abadlali balo, ababele baphenduke olamthuthu abagibgqike nemoto.

Kuyiwe kulo mdlalo weDStv Premiership kulindelekile ukuthi iSundowns iqinise izandla njengoba beyifuna ukubuyela endaweni yayo eqhulwini.

Beyisunduzwe AmaZulu ngoMgqibelo, kodwa yabuyela igijima ngemuva kokuphinda iPirates ngesibhaxu esinzima sika 3-0 e-Orlando Stadium ngeSonto ntambama.

Yize abekhona amathuba esiwombeni sokuqala, kodwa alikho iqembu ebelibinakala ligxile kakhulu ekuhlaseleni.

Bekungathi ayasabana, ikakhulukazi iPirates kwazise iSundowns beyisanda kubukisa ngayo emdlalweni weNedbank Cup.

Ibuye esiwombeni sesibili seyiqala ukhombisa ukuthi seyiyalifuna igoli iSundowns, seyiqala ukufika kaningana emapalini kaWayne Sandilands.

Nokho nePirates beyizama, kushode khona ukuthi bekungathi kuvele kuthombe ukhiye uma seyisondela emapalini kaDenis Onyango.

Kuthe ngomzuzu ka-56, iSundowns yabekelwa iphenathi kulandela ukuthi u-Innocent Maela ethinte ibhola ngesandla engaphakathi ebhokisini langakubo.

URocardo Nascimento ube esethatha ibhola elibanathisela enethini, kwaba ngu 1-0.

Libuye mandla iBhakabhaka ngemuva kwalokho, futhi kwale kancane ukuba balithole ngomzuzu ka-60, kodwa ibhola lanqaba ukuya enethini ekubeni izitobha zeSundowns bezididekile.

Ngomzuzu ka-71, uPeter Shalulile ubethi ushaya elikhulu igoli eqethuka engaphakathi ebhokisini leBucs, kodwa laphuma phezu kwamapali ibhola lakhe.

UThulani Hlatshwayo uvele wathatha ibhola walipha uPeter Shalulile ngomzuzu ka-76. Lo mgadli akabange esacucuza walibamathisela enethini kwaba ngu 2-0, kwacaca ukuthi sekuphelile ngeBucs.

Emizuzwini emithathu ukusuka lapho, iSundowns ithole i-free kick ngaphandle kancane kwebhokisi leBucs.

ULyle Lakay uvele walibeka enethini, wasala emile uSandilands ubungafunga ukuthi bekuyiphenathi.

ISundowns iwatholile amanye amathuba, futhi bekumele engabe iqede seyiwina noma ngo 5-0. Ibuyele endaweni yayo la seyishiya khona AmaZulu ngephuzu elilodwa.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.