Iphinde yabhajwa iPirates ibanjwa yiMaritzburg

Iphinde yabhakwa iPirates ibanjwa yiMaritzburg
UTerrence Dzvukamanja noTravis Graham
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Iphinde yagida ndawonye i-Orando Pirates ibambana neMaritzburg United eqede umdlalo ingasaphelele eHarry Gwala Stadium ngoLwesithathu.

Bese kungokwesine kule sizini iPirates idlala ngokulingana kanti ikwesithathu kulandelana.

IMaritzburg izolibonga leli phuzu elitholile kwazise umdlalo bewusinda ngakuyo kusukela uqala waze wayophela.

Ithuba lokuqala elicacile liwele kuTshegofatso Mabasa okhishwe wabhekana ngqo nonozinti yiphasi kaLinda Mntambo ngomzuzu ka-16.

Nokho uthe ulikhipha phansi kwemilenze kaMarcel Engelhardt waphika lo nozinti, walichitha lelo bhola.

UMntambo, obethanda ukuba yiphela endlebeni kwiMartitzburg, ubethi uyazidlela ngomzuzu ka-20 kodwa wanqaba nakuye u-Engelehardt.

Ngomzuzu ka-33 uMntambo ugobe elihle ibhola ngakwesokudla kodwa labehlula bobabili oMabasa noTerrence Dzvukamanja.

FUNDA NALA: Iqhubekile nokushosholoza iSundowns ishaya i-Arrows

Nangemuva kwekhefu iPirates yiyo ebisaphethe umdlalo kodwa yehluleka wukuvula izikhala odongeni lweMaritzburg.

Izinto ziyivunile ngomzuzu ka-66 ngesikhathi uBrandon Theron ekhishwa ngekhadi elibomvu kulandela ukudlalisa kabi uThabang Monare.

IPirates izamile ukusebenzisa ukuthi seyinabadlali abaningi enkundleni kodwa kwasho khona ukuthi amaqhinga okugqobhoza emuva kwiMaritzburg abengekho.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.