Iphinde yadedela inyamazane isiyixhakathisile iChiefs

USamir Nurkovic

OKADONGA GUMBI

IKaizer Chiefs iphinde yafana nenja engenamazinyo kodwa eyijaha iyifice kodwa iyimfimfithe igcine iphunyulile, yabaleka njengoba ibanjwe ngo 2-2 yiBloemfontein Celtic.

Lokhu kwenzeke emdlalweni weDStv Premiership eDr Petrus Molemela Stadium ngoMgqibelo ntambama.

IChiefs iwuqale kahle kakhulu lo mdlalo njengoba uHappy Mashiane evele wayibhakuzisa inethi kusaphele imizuzu emine umdlalo uqalile.

Babekelwe i-free kick, wayishaya ngobuchule uMashiane, yamudla uJackson Mabokgwane.
Kuthe kusaphele imizuzu enyisishiyagalombili ukusuka lapho, yabe seeyithola elesibili iChiefs.

Bekukade kuyikhona egotshwe yafakwa ebhokisini, ibhola lahlangana noMulomowandau Mathoho walingqofela enethini.

Isinciphisile isikweletu iCeltic ngomzuzu ka-22 ngegoli likaNeo Maema obevele ekhombisa ukuthi uwuhlupho.

Futhi kwale kancane iye ekhefini seyilinganisile kodwa kwasho khona ukuthi uDaniel Akpeyi uthi ngeke abhacaze enikwe ijezi ekade enesikhathi aligcina.

Yingakho kungathusanga ukuthi iPhunya Sele-Sele usheshe ilithole elokullinganisa esiwombeni sesibili.

Bekungumzuzu ka-53 ngesikhathi ibekelwa iphenathi, uVictor Letsoalo wayinamathelisa enethini. Yize womabili amaqembu ezamile ukuthola iwini, kodwa kugcine kungenzekanga, acazelana amaphuzu.

Lo mphumela mubi kwiCeltic kwaziseseyisondele kakhulu ezindaweni zezembe njengoba yehlukaniswe amaphuzu amahlanu neTshakhuma Tsha Madzivhandila esendaweni ka-15.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.