Iphinde yafukamela amaguncu iSundowns kwiChampions League

Iphinde yafukamela anaguncu iSundowns kwiChampions League
OkaDonga Gumbi

Iphinde yaqhuzuka iMamelodi Sundowns, yafana nenkukhu ehlala inyanga ifukamele kanti izidlalela ngesikhathi seyifudumeza amaguncu nje.

ISundowns izenze yabonakala ingase iwudle lo mqhudelwano kule sizini ngesikhathi izihubuluzela nje ezigabeni zokuqala zomqhudelwano.

Kodwa kuthe uma sekungenwa kwesomkhumulajezi, yaphenduka inkukhu efukamele amaguncu, yashiya abalandeli bedumele.

Lokhu kulandele ukubambana kwayo ngo 1-1 nePetro de Luanda yase-Angola emdlalweni womlenze wesibili eFNB Stadium ngoMgqibelo kusihlwa.

Umlenze wokuqala owawuseLuanda ngempelasonto edlule waphela ngo 2-1 kuwina iPetro, kanti iwine ngo 3-2 uma sekuhlanganiswe imiphumela.

Kuvele kwacaca ukuthi amagoli azomfimfa kulo mdlalo ngesikhathi uPeter Shalulile egeja imbuzi yethuba ngasekuqaleni komdlalo.

FUNDA NALA: Kuqhubeke isibhaxu kwiChiefs exoshe umqeqeshi

Ubesephume yedwa lo mgadli esebhekene nepali kuphela kodwa walikhahlela laphuma phezu kwepali.

Ngemuva kwalokho iSundowns yakhe enye inqwaba yamathuba kodwa nje yehluleke ukubhekisa ibhola epalini.

Empeleni nje kuze kwayiwa ekhefini lingekho ibhola ebelike lavinjwa onozinti kulo mdlalo. Kwale ngisho iSundowns seyibekelwe iphenathi.

Ibekelwe sekubalwa amanenjana kuyiwe ekhefini kulandela ukuwiswa kukaThemba Zwane okuqinisekiswe yiVAR.

UZwane nokho uvele wenza imihlolo elishaya qede lazishayisa epalini laphumela ngaphandle ibhola lakhe.

Akuyithathanga nokho isikhathi eside iSundowns ukuthola igoli lokulinganisa esiwombeni sesibili njengoba liqhume entanjeni ngomzuzu ka-54.

Kube yibhola elibekwe phansi lathathwa uLyle Lakay, ulivimbile unozinti wePetro kodwa lawela phambi kukaBrian Onyango obe eselidudulela enethini.

Nokho akuphelanga sikhathi esitheni, yalibeka enethini nayo iPetro. Kodwa ngemuva kokubhekwa kweVAR kuvele ukuthi kuphazanyiswe uDenis Onyango ngaphambi kokushaywa kwaleli goli.

Iphinde yabuya iPetro, u-Andile Jali wawisa umdlali wayo ebhokisini langakubo. Unompempe uqale wathi awuqhubeke umdlalo.

Nokho abePetro bakhalile bathi akabuyele kuyo le VAR ayobheka, nebala yafike yabavuma labekwa emlotheni.

Kusukume ukaputeni wePetro uTiago Leal wayinamathisela enethini, eshiya u-Onyango edayivela le elingekho ngakhona.

Ngemuva kwalokhu iSundowns izamile ukubuya ngamandla ifuna elinye igoli ebelizokwenza kukhahlelwe amaphenathi okungenani.

Kodwa akubange kusenzeka lokho, laphela kanjalo ke iphupho lokwengeza enye inkanyezi ebhejini yayo.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.