Iphinde yalahla amaphuzu iDowns esanda kuqedwa ‘ubutshitshi’

U-Andile Jali

 

UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

IMamelodi Sundowns iphinde yakhombisa ukuthi busanda kuphela ‘ubutshitshi’ ngesikhathi ibanjwa yiMarumo Gallants ngo 1-1 eLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesine.

Kulo mdlalo amaBrazilians abengayinyatheli ngendlela ajwayele ukwenza ngayo uma ebhaxabula izimbangi emidlalweni yeDStv Premiership. AmaSandawana aye kulo mdlalo esanda kushaywa AmaZulu FC ngo 1-0 nobekungokokuqala ukuthi ashaywe kule sizini.

Bezithengana ngesiwombe sokuqala kodwa iSundowns ibikhombisa ukungabi nomfutho omkhulu. Obekucaca ngeGallants ukuthi ibihlele ukubamba amaBrazilians ngokuzuma uma isimo sivuma.

Emapalini eDowns bekukhona uRocardo Goss, engabonwa uDenis Onyanga ojwayele ukuvimba nokuba ngukaputeni. Ibhande beligqokwe ngu-Andile Jali.

Izinto zishintshe ngomzuzu ka-32 ngesikhathi uRicardo Nascimento ethinta ibhola ngesandla ebhokisini. Iphenathi ithathwe nguPhilip Ndlondlo oyibeke phakathi ngobunono.

ISundowns ithe ukubhukula ngemuva kwalokho. Ngomzuzu ka-35 ihlanganise amahle amaphasi  ibhola lagcina liwele ezinyaweni zikaLesedi Kapinga olibeke phakathi kwaba ngu 1-1.

Isiwombe sesibili besimayelana nokudlala kahle kukaNdlondlo kwiGallants, noJali kwiSundowns. Bobabili laba yibona abebeyibamba kubonakale emaqenjini abo ngokwehlukana.

Ngomzuzu ka-78 iSundowns ifake uNeo Maema endaweni kaKapinga, kwathi uGeorge Maluleke wangena endaweni kaSiphelele Mkhulise. AmaBrazilians abesedlala amabhola amade kucaca ukuthi alifuna ngenkani igoli lokuwina.

Nokho iSundowns igcine ihlulekile ukuya ekhefini likaKhisimusi ngewini njengoba umdlalo uphele ngo 1-1. AmaBrazilians aselahle amaphuzu amane emidlalweni emibili edlule kodwa asahleli ngokunethezeka eqhulwini.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

 

 

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.