Iphinde yapaquza ubala iChippa ibanjwa yiSwallows

Iphinde yaphaquza ubala iChippa ibanjwa yiSwallows
UMusa Nyatama
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Sekuqala ukusinda ngampela ke manje kuGavin Hunt njengoba iChippa United iyizwa ngendaba iwini ekubeni leli qembu lidume ngokusheshe ixoshe abaqeqeshi.

Isikhulu seChippa uSiviwe Mpengesi usanda kuveza ukuthi basameseka ngokugcwele uHunt kodwa kubukeka engase agcine ephelelwa yisineke ngendlela izinto ezingajiki ngayo.

IChilli Boys ilokhu ikhombisa izimpawu zokuthi kukhona into ayenzayo uHunt kodwa akuvumi ukuhlangana kahle kanti imidlalo iyahamba.

Leli qembu liphinde laphafuza nje ubala ngeSonto ntambama libambana neSwallows FC ngo 0-0 emdlalweni weDStv Premiership.

Nokho iChippa iyozikhalela ngokuthi sekushoda ibe bukhali uma seyibheke phambili ngoba yikhona la kucace khona ubuthaka kulo mdlalo.

UMogakolodi Ngele ube nenbahdi ngomzuzu ka-29 ibhola lakhe alidonse engaphandle kancane kwebhokisi lizishayisa epalini selimdlile uJody February obesezintini zeSwallows.

Indlela iChippa ebihlasela ngayo bekumele iye ekhefini okungenani isilitholile igoli elilodwa ukuze izehlisele ingcindezi.

Nokho yize beyihlasela, kodwa beyihluleka ukudlula kahle odongeni lwasemuva lweSwallows obekwenza amathuba ayo angacaci kahle.

Ekuqaleni kwesiwombe sesibili iSwallows icishe yahamba phambili kodwa u-Ayanda Mtshali wenza omkhulu umsebenzi evimba ibhola likaMwape Musonda obephansi kwepali elishaya.

Ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili umdlalo uke waba yindavundavu njengoba womabili lamaqembu abehluleka wukugcina ibhola.

FUNDA NALA: UGrobler uthi iyohamba isinda iChiefs engekho

UKeletso Mokgalwa, ongene ngesiwombe sesibili kwiSwallows uthole ithuba elihle ngomzuzu ka-78 kodwa wahluleka ukulibamba kahle ibhola laze lagcina lifike kuMtshali kuqala.

IChippa yiyo ebisaqhubeka nokuhlasela kangconywana kodwa yehluleka wukuthola iqhinga lokudabuka udonga lwasemuva.

Yize iSwallows izolijabulela iphuz lasekuhambeni, lo mphumela awuwasizanga womabili lamaqembu njengoba esagaxele ezindaweni zezembe nje.

Ngemuva kwemidlalo eyisishiyagalombili, iChippa isendaweni ka-14 ngamaphuzu ayisithupha kanti iSwallows yona ikweka-13 ngayisikhombisa.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.