Iphinde yaqhuzuka iPirates ibambana neSwallows

iSwallows
UYagan Sasman weSwallows noKwame Peprah we-Orlando Pirates
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ihlulekile i-Orlando Pirates ukuqhubeka nomgqiqgo wokuwina njengoba ibambane neSwallows FC ngo 1-1 emdlalweni weDStv Premierhsip eDobsonville Stadium ngoLwesibili kusihlwa.

IPirates beyiye kulo mdlalo isethubeni lokunyukela endaweni yesibili, inciphise negebe leMamelodi Sundowns.

Kodwa ukudlala ngokulingana neSwallows kuyimise ndawonye njengoba isesendaweni yesithathu.

Emidlalweni engu-16 iPirates seyiqoqe amaphuzu angu-24 kanti iSwallows yona isenangu-13 kanti isendaweni ka-13.

IPirates isheshe yalithola igoli kulo mdlalo kwangathi izozidlulela kalula nje kwiSwallows ezidonsela kanzima kulesizini.

Igoli lishaywe uBandile Shandu onyuke waze wayofika ebhokisini la abe esethola khona ibhola qede walibeka kamnandi enethini.

Nokho iSwallows ibuyile ngomzuzu ka-15 uPaseka Mako eyikhandela iphenathi ngokudlalisa kabi uKeletso Makgalwa.

Kube sekuphakama uRuzaigh Gaildien wayibeka enethini leyo phenathi kwaba seziyalindana nokuze kwayiwa ekhefini zisabambene.

IDube Birds ibuye seyingcono kakhulu esiwombeni sesibili futhi sekuyiyo ecindezelayo kanti namathuba beyiwakha kodwa iwamoshe.

Ibe nebhadi nokho ngomzuzu ka-60 ngesikhathi uMako elikhipha seliyokweqa ulayini ibhola ebelikhahlele uKamohelo Mahlatsi.

FUNDA NALA: ISundowns iwine yize idlale isiwombe sesibili ingasaphelele

IPirates izoyikhalela iphenathi eyincishiwe ngomzuzu ka-70 ngemuva kokuthi uYagan Sasman elivimbe ngengalo ibhola ebelikhahlelwe uDeon Hotto.

 

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.