Iphinde yashaya into ephansi iChiefs ikhishwa kwiNedbank

Bekushube kanje eFNB Stadium la iKaizer Chiefs iphoxwe khona yiRichards Bay iyikhipha kwiNedbank Cup

SIHLE NDLOVU

Kaizer Chiefs (0) 1

Richards Bay FC (0) 2

IKaizer Chiefs iphinde yangena ehlazweni ishaywa yiRicahrds Bay edlala kwiGladAfrica Championship emdlalweni weNedbank Cup Last 32 eFNB Stadium, ngeSonto.

IChiefs ayizange idlale kahle neze ngeSonto yize ibibophele isikimu esiqinile. Inkinga yeChiefs iqale  ngomzuzu ka-29 ngesikhathi iyekela uDube ukuthi ashaye igoli lokuqala. Ngemuva kwalokho ibidlala kahle kodwa bekuyifakela ingcindezi ukulandela izithunzi.

Kushintshe umdlalo kuyiBay ebilokhu ihlupha iChiefs futhi bebebukeka bekhululekile abadlali bayo uma bephethe ibhola. IChiefs izamile ukubuya ngesiwombe sesibili ikakhulukazi ngemuva kokwenza izinguquko. Ithole igoli ngonyawo lukaLeonardo Castro. Nokho uVilane weBay ubuyile washaya igoli lokuwina leRich Boyz usuyophela umdlalo.

Ukushaywa kweChiefs kufaka usawoti esilondeni sabafana baseNaturena njengoba bebephuma esibhajwini se-Orlando Pirates ngempelasonto edlule. Le ngcindezi akumangazi ukuthi izoshaya izwele kuGavin Hunt ovele esenkingeni njengoba kukhona abalandeli beChiefs asebasha amakhala ngaye.

Okwenzeka eNaturena njengamanje kuyinkinga enkulu ngoba iChiefs ayivunyelwe nokusayinisa abadlali.

 

 

Imiphumela yeNedbank Cup Last 32 imi kanje:

Kaizer Chiefs 1-2 Richards Bay; Cape Town City 4-0 Bloemfontein Celtic; Golden Arrows (4) 1-1 (5) AmaZulu FC; JDR Stars 2-1 Pretoria University FC; Orlando Pirates 1-0 Uthongathi FC; TS Galaxy (8) 0-0 (10) TS Sportng; Maritzburg United 2-1 Sekhukhune United; Tshakhuma FC 1-0 SuperSport United; Pretoria Callies 1-0 Rolay Am; Bizana Pondo Chiefs 1-3 Cape Town All Stars; Mamelodi Sundowns 3-2 Stellenbosch

 

sihle@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.