Iphinde yashelela iPirates ibanjwa yi-Arrows isekhaya

OkaDonga Gumbi
Pirates (0) 0
Arrows (0) 0
Iphinde yaphoxa i-Orlando Pirates ibanjwa yiLamontville Golden Arrows ngo 0-0 emdlalweni weDStv Premiership e-Orlando Stadium ngoLwesithathu ntambama. IBucs bekubhekwe ukuthi ingene enkundleni ithelwe ngezibonkolo kulandela ukuphoxeka kwayo ngempelasonto ibhaxabulwa yiBlack Leopards ngo 2-0 kodwa ibonakale udlalela ukungahlulwa kunokufuna iwini isekhaya.
Lokhu kwenze umdlalo awangaqala ngesivinini ebesilindelekile kwazise iPirates beyiyishintshile indlela edlala ngayo ingajahile ukuphuthuma phambili uma iphethe ibhola. Futhi beyiqaphile ukuthi ingazitholi seyizumeka ngendlela okwenzeke ngayo ngempelasonto beshaywa yiBlack Leopards.
UJosef Zinnbauer wenze izinguquko eqenjini lakhe eliqale umdlalo, kubuya uHappy Jele emuva kwesokudla la sekujwayele ukudlala khona uWayde Jooste, kwangena noBongan Sam kwesokunxele endaweni esijwayele ukudlalwa ngu-Innocent Maela. Bobabili oJooste noMaela bebesebhentshini. NoRichard Ofori ubuyile wangena emapalini, kwathi uWayne Sandilands – osekuvele ukuthi useyibamba lomqeqeshi wonozinti njengoba onekhona esanda kushiya – wabuyela ebhentshini.
Ukubuyela emdlalweni, iBucs iyona ebeyihlasela kodwa yehluleka ukwakha amathuba acacile okushaya amagoli. Nokho ine ngebhadi ngomzuzu ka-35 ngesikhathi ibhola ebeligotshwe nguSam ngakwesokunxele lihlangana noThembinkosi Lorch othe ulingqofela phakathi laceza kancane njengoba lizishayise epalini ngaleso sikhathi uSfiso Mlungwana ubengeke esalenza lutho.
Esiwombeni sesibili Abafana Bes’thende babuye sebenokuzethemba futhi sebehlasela nabo njengoba bebebona ukuthi banalo ithuba lokuntshontsha amaphuzu aphelele babuyele nawo eThekwini. IBucs igcine seyiphoqeleka ukuthi kube yiyo emakayo isikhathi eziningi ikakhulukazi ngasekupheleni komdlalo.
Isihlasela ngokuzuma, iPirates ike yazitshela ukuthi seyiwinile ngesikhathi uDeon Hotto elivalela enethini sekusele imizuzu emithathu umdlalo uphele, kodwa unompempe wathi ubesesendaweni engamfanele ngesikhathi ethola ibhola wathi yi-offside.

Leave a Reply

Your email address will not be published.