Iphinde yenza njalo iGalaxy kwiChiefs iyikhipha kwiNedbank Cup

Iphinde yenza njalo iGalaxy kwiChiefs iyikhipha kwiNedbank Cup
Sihle Ndlovu

Izijabulise ngeKaizer Chiefs njengesifiso somqeqeshi wayo, uSead Ramovic’, iTS Galaxy eshaye Amakhosi ngo 1-0 eFNB Stadium, eNasrec, ngoMgqibelo.

Ngaphambi kwalo mdlalo uRamovic’ ubethe abadlali bakhe bazoya kozijabulisa kodwa nakanjani bazowuwina umdlalo. Kwenzeke lokho impele kanti iChiefs alikho ibhola elidlalile kulo mdlalo.

Isiwombe sokuqala besiphethwe yiTS Galaxy sonke nokucaciswe ukuthi unozinti wayo uMelusi Buthelezi ubeziphumulele emapalini.

Nokho iRockets ayiwasebenzisanga ngendlela amathuba ayo zaze zaya ekhefini.

FUNDA NALA: IRoyal AM ikhombise ubukhali bayo ishaya iCity kwiNedbank Cup

Ngesiwombe sesibili iChiefs izamile ukuphula amasokisi kwaba khona amabhola ambalwa awavimbili uButhelezi.

Kuvele konakala kuMakhosi ngomzuzu ka-54 ngesikhathi uPhathutshedzo Nange ephasa ibhola emuva lazithela kumgadli weTS Galaxy u-Augustine Kwem walibeka phakathi.

Lokhu kufake ingcindezi enkulu kumqeqeshi weChiefs uStuart Baxter ophoqelekile ukuthi enze ushintsho ngokushesha.

Ufake uSamir Nurkovic endaweni kaSiyabonga Ngezana, kwathi uLeonardo Castro wangena endaweni kaKhama Billiat.

Nokho izinto bezilokhu zingahlangani kuMakhosi nangesikhathi sekungeke uReeve Frostler noLebohanga Manyama.

Kuyacaca ukuthi iRockets ayiyizwa iChiefs kwiNedbank Cup. Leli qembu liyiqumbe phansi iChiefs ngo 1-0 kowamanqamu walo mqhudelwano ngo-2019.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.