Iphoxwe seyithembile iMaritzburg ithola isibhaxu seBucs

Bekushube kanje emdlalweni weMaritzburg United ne-Orlando Pirates

OKADONGA GUMBI

Cishe beyisiqalile ukucabanga ngokuthi yiliphi iqembu abazolithola emzuliswaneni olandelayo iMaritzburg United ngesikhathi i-Orlando Pirates iyijikela esiwombeni sesibili iyithela isibhaxu.
Bekuyiwe ekhefini kuyiTeam of Choice ebamba phambili ngamagoli nangomdlalo, kodwa iBucs yavuka indlobane yagcina kuyiyo ewina ngo 3-1 kulo mdlalo weNedbank Cup obuseHarry Gwala Stadium ngoMgqibelo.
IBhakaBhaka liphuzile ukungena egiyeni kulo mdlalo njengoba belilandela izithunzi ngasekuqaleni komdlalo.
IMaritzburg isheshe yakusebenzisa ukuphatha kwayo umdlalo, yashaya igoli ngomzuzu wesishiyagalolunye.
Leli goli libe yisipho uRochard Ofori asinike iqembu lakhe lakudala njengoba ezame ukuzenza uMesso kodwa bamphuca ibhola qede uThabiso Kutumela walinamathisela enethini.
Iwatholile namanye amathuba ngemuva kwalokhu futhi bekumele iye ekhefini isinagoli okungenani amathathu.
IBucs nayo igcine ingenile emdlalweni futhi beyingalithola igoli lokulinganisa kodwa yahluleka ukusebenzisa amathuba.
Esiwombeni sesibili bese kuyiPirates ephethe umdlalo futhi sekucaca ukuthi ifuna ukujika izinto njengoba beyisibuyela iphindelela emapalini eBlue Hearts.
Yingakho kungazange kumangaze ngesikhathi ivele ishaya amagoli amabili – elokulinganisa nelokuhamba phambili – emizuzwini emibili.
Bekungumzuzu ka-56 ngesikhathi uKabelo Dlamini, obesanda kungena ethatha indawo kaBen Motsawari, eshaya elokulinganisa.
Ngoka-57, besekungu 2-1 sekuhamba phambili iBucs ngemuva kokuthi uDeon Hotto eselibeke enethini. Ngomzuzu ka-65, u-Ali Meza udedele intululwane yebhola kodwa wamfica esevukile emaqandeni u-Ofori walichithela phezu kwamapali.
Ibona ukuthi isha nendlu ibhekile, iMaritzburg izamile ukuvuka izithathe kodwa kuthe isazama elokulinganisa, uVincent Pule washayelela isipikili sokugcina enza kube wu 3-1 ngomzuzu ka-67.
Womabili lamaqembu awatholile amanye amathuba okuthi abengashaya amanye amagoli, kodwa akwengenzeka umdlalo wagcina uphele ngo 3-1.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com 

Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.