Iphucwe iwini isiyiphethe ngesandla iSundowns eCongo DR

Iphucwe iwini isiyiphethe ngesandla iSundowns eCongo DR
UThemba Zwane
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Seyingaqala ibe namaphupho amakhulu ngeCAF Champions League yize ingawuqalanga ngendlela ebingafisa ngayo umkhankaso wayo.

ISundowns ibambane ngo 2-2 neAS Maniema yaseDemocratic Republic of Congo ngeSonto ntambama.

Ngasekuqaleni komdlalo bekubukeka izozidlela amahlanga nje iSundowns kulo mdlalo njengoba beyizigelezela kalula.

Ukushaya kwayo igoli imizuzu iseyisishiyagalombili kuphela nje edlaliwe kuyinikeze ithuba lokuthi isheshe ikhululeke.

Ngemuva kwaleli goli bekulindeleke ukuba ishaye amanye ukuze ibuye ekhaya ingasenamsebenzi ezowenza.

Nokho izinto zijikile njengoba iManiema ingazange izibeke phansi kodwa yalwa ingafuni ukushayelwa ekhaya kalula.

Ilitholile igoli lokulinganisa maphakathi nesiwombe sokuqala kanti libe lihle futhi lishaywe nguKalowa Kitwa.

Lo mgadli mgadli ubewuhlupho engaziniki thuba lokuphumula izitobha zeSundowns okwenze neqembu lakhe laqala lazethemba.

Nasesiwombeni sesibili bezihubhana impela futhi bese kubukeka sengathi umdlalo uzogcina uphele zibambene.

Nokho uZwane uthe cha yena akakaqedi wabe eseshaya elesibili osekufana nokuthi liyiwezele emzuliswaneni olandelayo iSundowns.

Kodwa imisebenzi yokaMangethe iphinde yahlikizwa kalula nje ngesikhathi iManiema ithola igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-90.

Lo mphumela awumubi neze kwiSundowns njengoba ilishayile igoli ekuhambeni. Okumele ikwenze ukuwina noma idlale ngokulingana kungangeni goli emlenzeni wesibili kuleli.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.