Iphume nephuzu iSundowns emdlalweni obungenamdlandla eSudan

URushine De Reuck

OKADONGA GUMBI

Kuvele kwacaca ukuthi iMamelodi Sundowns seyivele izibekisele indawo emzuliswaneni womkhumulajezi kwiCAF Champions League njengoba ivele yabophela abadlali abangajwayele ukuqala umdlalo ibhekene ne-Al Hilal yaseSudan ngoMgqibelo ntambama.
ISundowns iqalise abadlali abafana no-Aubrey Modiba, Ricardo Goss, Khuliso Mudau, Rushine De Reuck, Promise Mkhuma noMauricio Affonso.
Yize bevike izikhawu eziningana iHilal isho ukubaqeda, iSundowns ikhombisile ukuthi ayithembele kubadlali abathile kuphela. Ukuphela komdlalo ngo 0-0 akusho lutho vele kwiSundowns kwazise inegebe lamaphuzu ayisishiyagalolunye phezulu kuGroup B.
ISundowns icishe yazithola seyilandela ngemuva ngomzuzu wesibili, kodwa uRicardo Goss wakwazi ukulivimba ibhola leHilal ebeliyingozi.
Ngemuva kwalokho iSundowns I’ve seyilibeka phansi ilidlala isuka nalo emuva kamnandi kodwa ifike ihluleke seyisondela emapalini eHilal.
IHilal yona beyibgenendaba nokuthi kudlalwa kanjani kodwa beyibheke ukuthi uma ike yalithola ibhola, ihlabe ngejubane ibheke epalini likaGoss. Yingakho nje Lo nozinyi osemncane ezithole kunguye onomsebenzi omningi yize kungezakhe ebeziphethe umdlalo.
Usinde ngokulambisa nokho uGoss ngomzuzu ka-35, ibhola ebeselimehlulile lizishayisa epalini, womabili lamaqembu abengalithola igoli esiwombeni sokuqala, kodwa kwasho ukuthi akubukeki ekujahile ukubhakuzisa inethi.
Esiwombeni sesibili iHilal ibuye seyingcono kakhulu, ingasavumeli iSundowns ukuthi iyilawule. Nayo beyisihkanganisa kahle iminyakazo.
Iwakhile futhi amaphuzu kwasho khona ukuthi uGoss ubesemuzweni wokufuna ukukhombisa abaqeqeshi beSundowns ukuthi usekulungele ukungena uma engekho uDenis Onyango.
Lo mphumela ushiye iHilal namathemba okuthi isangadlulela phambili njengoba seyisendaweni yesibili ngamaphuzu amane. Nokho uma kuba khona owinayo phakathi kweCR Belouzdad neTP Mazembe ebusuku ngawo uMgqibelo izobe seyishenxa ibuyela kweyesithathu.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *