Iphume nephuzu kunzima ingasaphelele iSwallows kwiCity

UKgaogelo Sekgota weSwallows FC noThabo Nodada weCape Town City

OKADONGA GUMBI

Iphume nephuzu yize idlale ingxenye yomdlalo ongasaphelele iSwallows FC ibamba iCape Town City ngo 1-1 emdlalweni weDStv Premiership eCape Town Stadium ngeSonto.

Bese kungokwesine kulandelana leli qembu laseSoweto lidlala ngokulingana emidlalweni yeligi nosekulibambezele njengoba selisalele emuva ngamaphuzu ayisithupha kwiMamelodi Sundowns.

ICity yona izozisola ngamathuba ewayekile kodwa izowamukela lo mphumela kwazise ibisishaywe kabili kulandelana ngamphambi kwalo mdlalo.

Kube yoSwallows evula inkundla ngegoli elingene ngomzuzu ka-12, icacisa ukuthi ayizile eholidini eKapa kodwa izosebenza. UKgaogelo Sekgota nguyena oshaye leli goli.

Ibona ukuthi iSwallows izimisele ngokubakhuthuza ihambe nawo ephelele amaphuzu uma benganakile, iCity ibe seyiqala ukuhlanganisa iminyakazo yokuhlasela nayo.

Inikwe iphenathi ngomzuzu ka-31 kodwa kube yinhlanhla yayo nje ngoba bekufanele kube yibhola leSwallows njengoba uThabo Nodada kuwuyena obephakamise unyawo, kodwa washayisana noNjabulo Ngcobo kwathiwa udlaliswe kabi.

UMduduzi Mdantsane ushiye unozinti weSwallows, uThela Ngobeni endizela kwesokunxele ibhola libe lidla ngakwesokudla, kwaba ngu 1-1.

Izigemegeme ziqhubekile kulo mdlalo nangesiwombe sesibili kanti kuthe ngomzuzu ka-65 unompempe, uVictor Gomes wakhipha uJunaid Sait ngekhadi elibomvu.

Yize beyingasaphelele, iSwallows ayizange ilehlise izinga futhi ukube iwasebenzisile amathuba ngabe igcine iwawolile amaphuzu agcwele.

UThabo Mosadi, ongene ngesiwombe sesibili, ucishe walithola igoli umnyakazo omuhle weSwallows uphelela kuye kodwa ibhola lakhe laphuma phezu kwamapali.

NeCitizens izamile ukuthola igoli lokuwina ngasekupheleni komdlalo njengoba beyisikhempe ngasebhokisini lezivakashi kodwa imizamo yabo yagcina ingathelanga.

Bekumele ithole iphenathi iCity esikhathi sikanompempe kodwa yancishwa njengoba uGomes evele wathi akube yobhola leSwallows kodwa kube kuwuNgcobo odlalise kabi uBradley Ralani.

Mhlawumbe ubusegqokisa iphutha alenze enika iCity iphenathi ebingayifanele esiwombeni sokuqala.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com 

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.