Iphume ngembobo yenaliti idlulela phambili iChiefs

UBernard Parker
UDABA: SIHLE NDLOVU
ISITHOMBE: TWITTER

Ukusebenza kusakhaya kuyisebenzele iKaizer Chiefs ezithole inethwa yizimvula inengalo ijazi le eTanzania. Amakhosi asinde ngokulambisa ukuze abuye nomphumela owadudulela esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu kwiCAF Champions League okokuqala ngqa.

Awine ngo 4-3 sekuhlanganiswe imiphumela yemidlalo yayo yomibili imilenze njengoba yayiwine ngo 4-0 ekhaya ngempelasonto edlule.

ISimba iqale kahle kulo mdlalo futhi iphusha iya phambili, kucaca ukuthi iyazi ukuthi uma inethuba lokubuya kulo mdlalo, kumele isheshe ikore. Nokho lokhu kushesha kwayo bekuyenza ifike itatazele uma seyisondela emapalini kaBruce Bvuma.

NeChiefs ayizithelanga ngabandayo njengoba besishoshela nayo ngasekuqaleni komdlalo. Empeleni nje kuke kwanzima ukubona ukuthi iyizivakashi kulo mdlalo.

Yiwo Amakhosi acishe alithola kuqala igoli. Nokho uLeonardo Castro akwakwazanga ukuliqondisa epalini ibhola alingqofe kade ligotshwe kwesokudla ngomzuzu ka-13.

EMizuzwini embalwa ukusuka lapho, uLebogang Manyama uhudule izitobha zeSimba wangena nazo ebhokisini, kodwa wehluleka wukuligoba kahle ibhola.

Njengoba iChiefs beyisijabulela ukuthi kuyahlaseleka, yenze iphutha lokukhohlwa wukuqinisekisa ukuthi ishiya ikhiyile emuva. Yingakho kuthe ngomzuzu ka-23, yapulukutshela iSimba. Ibhola ligcine onyaweni lukaJohn Bocco olinamathisele onyaweni.

Leli goli liyifake umoya iSimba yaqala yadlala kangcono, neminyakazo yayo seyingcono. Bese buvela ubungozi obubenza babe ngelinye lamaqembu ahlonishwayo ebholeni lasezwenikazi.

Yize bebefika bephindelela emapalini eChiefs, kodwa bebefica uBvuma engavumi lutho. Lo nozinti udlale sengathi ufuna ukufakazela kulokhu umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos athe ukubone kuye eze emqoka esikwatini sakhe sokuqala.

Kusebenze unozinti uBruce Bvuma
iSimba ifuna ukuwadla buhlaza Amakhosi

Lo nozinti oneminyaka engu-25 ubevimba amabhola amabi okukhona kulo nala umdlali weSimba ebesephume yedwa eza ngqo kuye. Ukhombise ukuvuthwa njengoba ebewafunda kahle amabhola eSimba, akwazi ukuwavimba engamxaki.

Sekuzophela isiwombe, uBernard Morrison, oke wagijima kwi-Orlando Pirates, uzame ukuntshontsha iphenathi. Uvele wenza isimanga egxumela phambi kukaReeve Frosler qede waziwisa. Nokho akusebenzanga njengoba kuhlawuliswe yena, unompempe wamxayisa ngekhadi eliphuzi.

Esiwombeni sesibili, iSimba ibingasadlelwe zinkobe zamuntu futhi kucaca ukuthi ngeke ivume ukukhishwa ingalwanga kulo mqhudelwano. UBocco uthole elesibili kusanda kuqala isiwombe.

Ngemuva kwalokhu iSImba beyisikhempe engxenyeni yeChiefs. Kodwa Amakhosi abelikhu elwilw emuva, engafuni ukuphoxeka kade esesebenze kangaka esekhaya.

ISimba igcine ilitholile elesithathu sekusele imizuzu emine umdlalo uphel. Uphele sekuminciwe ke umdlalo ifuna elesine ebelizokwenza kuyokhahlelwa amaphenathi.
Email: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *