Iphunyulile i-Arrows ekuphucweni amaphuzu

Iphunyilile i-Arrows ekuphucweni amaphuzu
USimo Mbhele
OkaDonga Gumbi

ILamontville Golden Arrows isindile ekutheni iphucwe amaphuzu njengoba ibanjwe ngoswazi oluncane yisigungu sePremier Soccer League (PSL) esiqondisa izigwegwe ngoMsombuluko.

I-Arrows beyitholwe inecala lokungabhalisi ngendlela efanele uSimo Mbhele kanti beyingase iphucwe amaphuzu ayisithupha njengoba ayesedlale imidlalo eminingana nje.

Nokho ngesikhathi seyikhipha isigwebo iPSL ithe ayiboni kunesidingo sokuthi ihlawuliswe ngokuphucwa amaphuzu.

“Nginazisa ngokusha osekwenzekile odabeni lwakamuva isigungu esiqondisa izigwegwe sePSL esithathe isinqumo ngalo oluthinta iLamontville Golden Arrows nomdlali wayo uSimo Mbhele,” kusho uZola Majavu ongumshushisi wePSL.

“Kuzokhumbuleka ukuthi ngeviki elidlule isigungu esiqondisa izigwegwe kwiPSL salithola linecala leli qembu ngokunjalo nalo mdlali walo ngokuthi ukubhaliswa kwakhe akwenziwanga ngendlela efanele.

“Udaba lwesigwebo lwadingidwa kwabe sekumiswa isigwebo. Kuthe namuhla (ngoMsombuluko) kwabe sekukhishwa isigwebo okukholakala ukuthi sifanele.

FUNDA NALA: Sekumincelwe ukuthi kwande isibalo sawaseKZN kwiPremiership

“Bobabili iqembu nomdlali bahlawuliswe ngokuthi kumele bakhokhele izindleko zokuqulwa kwaleli cala.

“Ukuthi kuzoba yimali engakanani yinto esazocutshungulwa yiPSL futhi akukho okunye okungaphezu kwalokho ehlawuliswe khona.

“Akuzange futhi kube nesinye isigwebo semali noma ukuthathelwa amaphuzu. Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi iqembu nomdlali betholwa benecala, kwavela ukuthi akukho ukungathembeki abakwenza.

“Yingakho ke kubonakale ukuthi ukubahlawulisa ngokubaphuca amaphuzu akuyona into efanele uma ubheka izimo okwenzeka ngayo lesi sigameko.

“Lesi yisiphetho salolu daba futhi thina sesiluthatha njengoseluphethiwe,” kuchaza uMajavu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *