Iphunyule nephuzu elibalulekile iGalaxy kuMaZulu

Iphunyule nephuzu elibalulekile iGalaxy kuMaZulu
ULindokuhle Mbatha noThembela Sikhakhane
Sihle Ndlovu

Ithole iphuzu elibalulekile iTS Galaxy ngesikhathi ibambana naMaZulu FC emdlalweni weDStv Premiership eMoses Mabhida Stadium ngoLwesibili ebusuku.

IRockets izama ukusuka ezembeni ngakho iphuzu elitholayo ngalesi sikhathi sesizini libaluleke kakhulu.

Umdlalo ubuphethwe AmaZulu ngesiwombe sokuqala futhi iwona akhe amathuba amaningi okushaya amagoli.

Bekubhoke uThembela Sikhakhane ngakwesokudla lapho ebegoba khona amahle awafake ebhokisini.

Nokho kugqame ukugeja ikakhulukazi ku-Abraham Majok oke wathola ithuba elihle lokungqofela ibhola phakathi kodwa waligeja ibhola.

ULuvuyo Memela naye uwatholile amathuba kodwa kwala kona. Ngasohlangothini lweRockets ithuba elihle kakhulu lehlele u-Orebotse Mongae ngomzuzu ka-38.

FUNDA NALA: UPhali uthi iPirates kumele imbekezelele uMponthsane, iqhubeke naye

Kodwa ke uvele wagila umhlolo esebhekene noVeli Mothwa, washaya ibhola eceleni kwepali.

Umdlalo uye ekhefini kungu 0-0 kodwa bekufanele ngabe womabili amaqembu awatholile amagoli ngesiwombe sokuqala.

Ngesiwombe sesibili umqeqeshi waMaZulu uBenni McCarthy wenze ushintsho. Ufake uMakhehleni Makhaula endaweni ka-Aboubakar Mobara obesethintekile kwathi kwekaMajok kwangena uBongi Ntuli.

UMatarr Ceesay yena ungene endaweni kaXola Mlambo, kanti bekucaca ukuthi uMcCarthy ubewafuna asale ekhaya amaphuzu amathathu.

Nebala luvukile Usuthu lwahlasela kodwa bebetatazela kakhulu uma sebefike emapalini.

Umdlalo ugcine uphele ngo 0-0 nokuyinto ezoyamukela iGalaxy. Ngasohlangothini loSuthu akungabazeki ukuthi akeneme uMcCarthy uma kubhekwa amathuba abawakhile.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.