IPirates ayigcinanga ngomqeqeshi ukukhendla i-Arrows, ifuna nabadlali

IPirates ayigcinanga ngomqeqeshi ukukhendla i-Arrows, ifuna nabadlali
UNkosinathi Sibisi
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

I-Orlando Pirates ayikaqedi ukusayina abadlalai kanti kulindeleke iqede izingxoxo neGolden Arrows maduze ngababili efuna balandele uMandla Ncikazi beze kuyo. IPirates isanda kwethula ngokusemthethweni abadlali abane sibasayinisile njengoba ilungiselela isizini entsha.

Yethule oKwanda Mngonyama, Bandile Shandu, Goodman Mosele noMonnapule Saleng. Kodwa sekuvele ukuthi ayikaqedi ukusayina futhi isazodedela nabanye ukuvula izikhala.

Ngaphezu kwalaba badlali, iPirates iqinise nasethimbeni labaqeqeshi ngiokulanda uNcikazi obengumqeqeshi kwi-Arrows ngesizini edlule. Lokhu kwabonakala kuwukuvula indlela kaSteve Komphela ukuba azocija leli qembu.

Nokho isikhulu saleli qembu, uFloyd Mbele sikuphikile lokhu kuleli sonto. UMbele uthe umqeqeshi kusenguJosef Zinnbauer okwamanje kodwa lokho kungajika noma nini uma kuvela isidingo.

Impempe seyingakuveza ukuthi iPirates sekusele kancane iqede izingxoxo ne-Arrows ngonozinti wayo uSifiso Mlungwana nesitobha uNkosinathi Sibisi.

“Ngicabanga ukuthi nabadlali sebeyazi ukuthi bayahamba. Cishe isonto elizayo sebeyoliqala khona kwiPirates ngoba kufanele ukube kuzobe sekuqedwe konke,” kusho umthombo osondelene naleli qembu.

Kubadlali okungacaci ngekusasa labo kwiPirates kukhona nonozinti oWayne Sandilands noSiyabonga Mpontshane. USandilands uvele sekubhekwe asebenze njengomqeqeshi wonozinti.

Ubesevele ewenza lo msebenzi uSandilands kusukela kwesula owayesbambile esebuyela ngakubo e-England. Lokhu kushiya iPirates noRichard Ofori kuphela konozinti. Kodwa uMpontshane kungenzeka anikezwe omunye unyaka owodwa.

Lokhu kuzokwenzeka ngoba iPirates kungenzeka imsayine bese imshiya khona kwi-Arrows uSifiso Mlungwana isizini eyodwa ukuze aqhubeke nokuthola amava. Isizini edlule bekungeyokuqala egcwele uMlungwana evimba kuBafana Bes’thende.

Omunye unozinti okungenzeka ajoyine iBucs u-Oscarine Masuluke weBaroka FC. “Indaba yonozinti ingas eicace kahle uma sekudlule umdlalo weKaizer Chiefs weChampions League. Uma iChiefs iwina kuzosho ukuthi iPirates iyaphuma kwiCAF Confederation Cup okuzosho ukuthi ayibadingi onozinti abathathu, ingancenga ngababili noMpontshane ngaphezulu.

FUNDA NALA: UManqele ukhala ngomqeqeshi owacishe wamqeda uthando lwebhola

“Kodwa uma iChiefs ihlulekile izobadinga bonke labo nozinti,” kusho umthombo owazi ezase-Orlando. Kuke kwanesikhathi la iPirates beyinenkinga yonozinti kulandela ukulimala kuka-Ofori noSandilands.

Lokhu kwashiya uMpontshane yedwa kwababebhaliselwe imidlalo yeCAF. Kwayena wadlala exhugela, kubanjwe umoya ukuthi angathunukali. Yingakho leli qembu selifuna ukuqinisekisa ukuthi liyayilungisa indaba yepali.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.