IPirates bayikiribhe isiyophuma nawo amaphuzu e-Orlando Stadium

OkaDonga Gumbi

Ukuthi yinhlanhla? Yindlela eyodwa yokudlala engashintshwa noma ukizibhacazela nje kweqembu, akucaci njengamanje njengoba i-Orlando Pirates iphinde yayeka umdlalo isiwuwinile.

Bese kusele nje ukuthi ivale emuva kuphele imizuzu emihlanu bese iwola amaphuzu agcwele.

Nokho ke kube khona ukubambeleka kweZimnyama unompempe, uJelly Chavani, wayincisha esobala iphenathi, wabuye wakhomba ne-off side engekho esiwombeni sesibili.

Nokho mhlawumbe leli phuzu liwumphumela owafanele womabili la maqembu ngendlela abejahana ngayo.

IZinyoni yizo eziqale zifuna igoli elisheshayo ebelizothikameza eZimnyama njengoba zike zambhukudisa kaningana uWayne Sandilands. Inkundla beyigcwele amanzi ngenxa yemvula enamandla eshaye imizuzwana nje ngaphambi kokuqala komdlalo.

Nokho inqabile iBucs yaqala nayo yayivula indlela eya phambili kodwa inkinga yayo yokuphelelwa amaqhinga bese umdlalo uyophela, noma kungasafanele, yabalimaza.

Elinye nje lamathuba anjalo liqhamuke ngomzuzu ka-20 ngesikhathi uDeon Hotto ejika unozinti weSwalllows uVirgil Vries, qede walibeka phambi kukaFortune Makaringe, ovele wakhetha ukuligoba kunokuzama inhlanhla, balingqofa basinda kanjalo kuleyo ngozi.

Maningi namanye amathuba atholakele kodwa bekumele umdlalo uphele ngo 1-1. IPirates iya eLimpopo ngoLwesithathu lapho iyodlala neBlack Leopards, kanti iSwallows izoba nekhefu njengoba iyoze idlale ngempelasonto.

Imphumela yePremiership:

Orlando Pirates 1-1 Swallows FC; Bloemfontein Celtic 1-1 AmaZulu