IPirates ibambelele ngezidindi kunzima yaphuma nalo iphuzu kwiCity

IPirates ibambelele ngezidindi kunzima yaphuma nalo iphuzu kwiCity
Abadlali be-Orlando Pirates
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

I-Orlando Pirates ilijulukelile iphuzu ephume nalo kwiCape Town City ngoMgqibelo kusihlwa.

ICity beyithi iyayiqeda iPirates ngasekupheleni kwalo mdlalo weDStv Premiership obuseCape Town Stadium.

Nokho iPirates ikwazile ukubambelela ngezidindi yaze yagcina ilitholile iphuzu lasekuhambeni elibalulekile.

IPirates beyiwuqale kahle umdlalo, ikhombisa ukuvuka ngesiwombe sokuqala njengoba bekuyiyo ebilawula umdlalo futhi icindezela.

Ibilokhu ithoal amakhona ngakwesokunxele abegotshwa nguVincent Pule. Kuze kwathi enye yagcina ibe nomvuzo.

Bese limakiwe ibhola lakhe, kodwa yabuye yaliwina iPirates yalibuyisela kuye uPule obe eseligoba lahlangana noHappy Jele walingqofela enethini.

NOkho ngasekupheleni kwesiwombe iCity beyisiqala ukubona ukuthi ingase ishayelwe ekhaya uma ingavuki emaqandeni.

Nasesiwombeni sesibili iqale ngegiya eliphezulu, yaqala yathola izintuba zokusondela epalini likaSiyabonga Mpontshane.

Bekungumzuzu ka-53 ngesikhathi ibekelwa iphenathi kulandela ukuthi u-Olisa Ndah elibambe ngesandla esebhokisini langakubo.

Kuphakame uMduduzi Mdantsane wayishaya ngobucule yamshiya emile uMpontshane kwaba ngu 1-1 kanjalo ke.

FUNDA NALA: Isizwe yiphenathi yomgunyathi iChiefs ibambana naMaZulu

ICity iqhubekile nokuzama ukuthola igoli lokuwina kodwa kwasho ukuthi nePirates beyisebenza kahle emuva.

UNdah ubonakale exhumana kahle noJele kodwa akawuqedanga umdlalo njengoba ebesehlushwa amajaqamba ngasekupheleni waze wagcian ekhishiwe.

Kube sekungena uThulani Hlatshwayo endaweni yakhe. Bekuwumdlalo wakhe wokuqala uNdah osayinwe esuka kwi-Akwa United eNigeria.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.