IPirates ibhodlele kwiLeopards iyibhaxabula kanzima

UNkanyiso Zungu noTshegofatso Mabasa

OKADONGA GUMBI

Isikhiphele kwiBlack Leopards isibhongo i-Orlando Pirates iyibhaxabula ngo 3-0 emdlalweni weDStv Premiership e-Orlando Stadium ngoLwesine kusihlwa.

IPirates kulo mdlalo ibuya endukwini enzima yeMamelodi Sundowns, futhi ikhombisile ukuthi ifundile emaphitheni ewenze kulowo mdlalo.

Iyikhombise zisuka nje iLidoda Duvha ukuthi uma ibizitshela ukuthi kukhona ezokuthola kulo mdlalo, ihambe kabi.
Lo mphumela uvuselele amathuba ayo okuqeda endaweni enhle nezoyibekisela indawo emiqhudelwaneni yasezwenikazi ngesizini ezayo.

IBhakhaniya lisasendaweni yesine kodwa lisele ngephuzu elilodwa kwiGolden Arrows engenhla kwayo, ngayisishiyagalombili kuMaZulu asendaweni yesibili.

ILeopards yona ibuyele odakeni njengoba izembe seliyinukela kwazise isalelwe yimidlalo emine manje.

IPirates beyilokhu izama ukwakha amathuba njengoba bekuyiyo ebiphatha ibhola isikhathi eside, kodwa beyingawutholi ukhiye lokuvula udonga lwasemuva.
Ithuba elicacile lize lavela ngomzuzu ka-27, la uWayde Jooste ehlabe ngejubane kwesokudla, wabe eseligoba ngobuchule ibhola elibeka phambi kukaTshegofatso Mabasa.
Nokho lo mgadli uvele watatazela qede wazingela ngalo izinyoni eliqumba le phezu kwamapali.

Emizuzwini emibili ukusuka lapho, noKabelo Dlamini uthole ibhola elifanayo kuJooste, kodwa naye walishaya layophuma eceleni.

Ngomzuzu ka-34, uNkanyiso Zungu ubethi uyamgwinya unozinti weLidoda Duvha, uJonas Mendes ededela udalimede weshodi, kodwa wakwazi ukulificaalichithe unozinti.

UDlamini uphinde wathola ibhola engaphandle nje kancane kwebhokisi leLeopards ngomzuzu ka-40, wadedela ishodi kodwa laceza kancane eceleni kwepali.

Ngomzuzu ka-43, uMabasa uthole ibhola ephansi kwepali leLeopards, wazama ukuphenduka kodwa washelelela, lagcina liphunyukile.

Nokho lisheshe labuya, lahlangana noThulani Hlatshwayo wathi uyalingqofa kodwa layophuma eceleni.

UMabasa usheshe wawalungisa amaphutha okushweba kwakhe esiwombeni sokuqala njengoba elibanathisele enethini ngomzuzu wokuqala kubuywa ekhefini.

Kodwa kuthe kusukwa lapho, yafika ingasazwile iLeopards amapalini kaWayne Sandilands, kwasiza uHlatshwayo olukhiphe eliyokweqa umugqa ibhola likaRodrick Kabwe selimdlile unozinti.

UKabwe uphinde wathola elinye ithuba engaphandle nje kancane kwebhokisi leBucs, kodwa washaya into ephume le kude.

UJooste uphinde waphakela uMabasa elihle ibhola, walingqofa lazishayisa epalini kodwa labuyela kuye, wabe eselinamathisela ebethini.

Okube kubi wukuthi ube eselimala ngemuva kokudlaliswa kabi ngu-Ethen Sampson, wakhishwa indawo yakhe yathathwa nguGabadinho Mhango.

ILeopards ithole i-free kick endaweni enhle ngaphambi kwebhokisi likaSandilands, kodwa uThemba Ndlovu wadlala ngalo eshaya into eqonde ngqo kunozinti.

Kuthe sekusele imizuzu emine uphele umdlalo, uMhango wathola ibhola esebhikisini, wajika izitobha zzeLeopards ezimbili, wabe eselithumela enethini.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *