IPirates ibukise ngeLeopard yaseSwatini iyishaya isithembile

IPirates ibukise ngeLeopard yaseSwatini iyishaya isithembile
OkaDonga Gumbi

I-Orlando Pirates ike yabathusa abalandeli bayo idedela iRoyal Leopard yaseSwatini iyihole phambili ngo 2-0 emdlalweni weCaf Confederation Cup ngeSonto ebusuku.

Nokho umdlalo uphele sekuyiPirates ehamba phambili njengoba iwine ngo 6-2 kulo mdlao obuseMbombela Stadium eNelspruit.

Indlela esheshe ngayo ukushaya inethi iLeopard bekungathi izobukisa ngePirates kodwa kwavela ukuthi amazinga awalingani.

Bekungumzuzu wesikhombisa ngesikhathi uMzwandile Mabelesa elibeka enethini igoli lokuqala leLoepard.

Kuthe kusaphele imizuzu emibili ukusuka lapho, iLeopard yaphinde yathola elinye igoli. UThabiso Mokenkoane ushaye elihle igoli kwabukeka iPirates isenkingeni.

Kodwa ke kubuye kwavela ukuthi amazinga awalingani, iPirates yagcina sekuyiyo elawula umdlalo yagcina kucaca ukuthi izobuya kuo mdlalo.

Ngomzuzu ka-20 uKabelo Dlamini ugobe ibhola ngakwesokunxele, lahlangana noMzwandile Dlamini weLoepards wathi uyalichitha ladla ekhaya.

FUNDA NALA: IRoyal AM inyukele endaweni yesibili ithwahlaza iSuperSport

Ngomzuzu ka-37 uBandile Shandu ube esethola elokulinganisa lePirates kwacaca ukuthi izinto sezijikile.

Kuthe sekubalwa amanenjana kuyiwe ekhefini, iPirate syalithola elokuhamba phambili ngesikhathi uKwame Peprah elivalela enethini.

Esiwombeni sesibili bese kuzibusela iPirates kubonakala ukuthi obani abalidlala ngokugcwele ibhola njengoba leli qembu laseSwatini linabadlali abaneminye imisebenzi abayenzayo ngaphandle kokudlala ibhola.

UHappy Jele ushaye igoli lesine ngomzuzu ka-57 kwase kuthi ngomzuzu ka-60 uKabelo Dlamini wahsaya elesihlanu lePirates elenze kwacaca ukuthi sekubhedile kuLeopard.

UTerrence Dvukamanja ongene esiwombeni sesibili ube eseshaya isipikili sokugcina eshaya igoli ngomzuzu ka-80 elicacisile ukuthi sekuphelile ngeLeopard.

Ngale wini iPirates yelule igebe ezihola ngalo kuGroup B weConfederation Cup okuyibeka ethubeni elihle lokuthi idlulele phambili.

Ivele ke iPirates ingelinye lamaqembu abhekiwe ukuthi inqobe lo mqhudelwano.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.