IPirates icikwa uBroos weBafana olokhu eyihlokoloza ngomunwe esweni

IPirates icikwa uBroos weBafana olokhu elihlokolosa ngomunwe esweni
UHugo Broos
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Sekuyazwela kwi-Orlando Pirates okwenziwa ngumqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ovele aphahlaze izindaba esidlangalaleni.

UBroos usekhombise ukuba yile nhlobo engafihli evele ikhulume ibeke izinto zinjengoba zinjalo.

Kodwa lokhu sekuyazwela njengoba sezikhala enyameni kwiPirates ebona sengathi unenxa nayo.

Ngokuthola kweMpempe ngomunye wemithombo yayo esondelene nePirates, abaphathi abaneme neze ngoBroos.

NgoMsombuluko uBroos uvele kwabezindaba ukuthi umdlali wePirates uGoodman Mosele uvele wanyamalala abamtholi njengoba bekumele eze ekhempini yeBafana.

Nangeviki elidlule wadalula esidlangalaleni ukuthi iphini lakhe lavinjwa lanqatshelwa ukungena e-Orlando Stadium emdlalweni wePirates neMamelodi Sundowns.

Lokhu wakwenza engazange akubike kwiSAFA noma kwiPSL. IPSL yabe seyikhipha isixoliso ivuma ukuthi yiyo eyalibala ukwazisa iPirates ngokuthi bayeza abeBafana.

Bavinjwa ngenxa yokuthi abebngekho ohlwini lwabantu abavunyelwe ukuya kulo mdlalo njengoba kusenesibalo esikaliwe ngenxa yemigomo yokulawula ukubhebhetheka kweCovid-19.

Kodwa iPirates ikubona kuwukungcoliseka kwegama layo ukuthi izindaba ezinjena zivezelwe umphakathi kungaxhinyanwanga ngendlela efanele.

“Bathukuthele bayaveva, babona sengathi kunenxa ekhona manje ngoba ngathi sekubhekenwe nayo ngqo.

“Into ebacasula kakhulu ukuthi avele amemezele ukuthi uMosele udukile engazange abuze kuyo ukuthi kwenzeke njani.

“Angaithi ngesikhathi bemfuna babexhumanile nePirates beyicela ukuba imkhulule eze eqenjini lesizwe, uma bengasamtholi bahlulw ayini ukubuyela kuyo?

“Nokuthi amemezele ukuthi wavinjwa e-Orlando ebe azi ukuthi isizathu kwakuyini yinto ecasulayo nje kwayona,” kusho lo mthombo.

FUNDA NALA: UTruter usebuyele kwiSwallows kodwa usengaphinde adedelwe

Ucele ukuba singalivezi igama lawo ngoba awugunyaziwe ukukhuluma lezi zindaba nabezindaba.

Uthe abaphathi bePirates basazonqum ukuthi bazolwenza njani lolu daba lokuhlambalazeka kwabo.

“Bazasoluhlalela phansi lolu daba ngoba okokuqala bakuziba, manje sekuyilokhu.

“Bazobona ukuthi bathatha ziphi izinyathelo ngoba kumele igama leqembu ligezeke ekugcineni kungabi sengathi lilwisana neBafana,” kusho umthombo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

 

One thought on “IPirates icikwa uBroos weBafana olokhu eyihlokoloza ngomunwe esweni”

  1. Akukho kuhlambalazeka la ipirate ayimhloniphanga umqeqeshi neqembu lesizwe kungan bengashongo ukuth kwenzekam

Leave a Reply

Your email address will not be published.