IPirates idayise uMntambo, kodwa ithi uzobuya ngelinye ilanga

IPirates idayise uMntambo, kodwa ithi izobuya ngelinye ilanga
ULinda Mntambo
Sbongs Gumbi

I-Orlando Pirates seyimemezele ukuthi seyimdayisile uLinda Mntambo osezogijima kwiSekhukhune United ngesizini ezayo.

Iphinde yaveza nokuthi uNtsikelelo NYauza naye uyahamba kuleli qembu kulandela ukuvumelana naye ukuba kwehlukanwe.

Nokho uMntambo ithe inethemba elikhulu lokuthi uzobuya kuyo ngelinye ilanga uma esethathe umhlalaphansi ekudlaleni.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMntambo ukhulele e-Orlando kanti kubo kusenhla nje kancane nase-Orlando Stadium okuyikhaya lePirates.

Kuyaziwa nokuthi wakhula elithanda ukuyfa leli qembu kanti namanje akukajiki lokho. Ubebafaka umfuthi abadlali noma yena engekho enkundleni.

“UMntambo, ofike eqenjini ngo-2018 ngemuva kokudlala kwiChippa United neJomo Cosmos, udlale imidlalo engu-71, washaya amagoli ayisishiyagalombili.

“Lo mdlali oneminyaka engu-33 uzokhunjulwa kakhulu egunjinilokushintshela leBucs ngenxa yomoya wakhe abewufafaza nakwabanye,” kusho leli qembu esitatimendeni.

“Akungabazeki ke ukuthi uMntambo uzobuya kuleli qembu alithanda kusukela esengumfanyana esezokwenza omunye umsebenzi.”

FUNDA NALA: IChiefs ishaye ezifunde kwiPirates ixhopha iRoyal AM ngomdlali weSwallows

Libonge noNyauza ngokuzinikela akukhombisile kule minyaka edlule ewkiPirates njengoba afika kuyo ngo-2013.

Sekuvele nokuthi obengumqeqeshi wonozinti kuleli qembu uSjoerd Woudenberg naye useshiyile kuleli qembu laseSoweto.

Lokhu kubonakale kuyindlela yokuphendlela uWayne Sandilands indawo njengoba kulundeleke ukuthi kube nguye osezocija onozinti.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *