IPirates ifuna ukuziphindiselela phambi kwabalandeli bayo kwelaseLibya

IPirates ifuna ukuziphindiseleka phambi kwabalandeli bayo kwelaseLibya
OkaDonga Gumbi

I-Orlando Pirates seyithembe ukuthi abalandeli bayo bazotheleka ngobuningi e-Orlando Stadium bezoyifaka amandla njengoba idlala umdlalo wayo wokugcina esigabeni samaqoqo kwiCaf Confederation Cup.

IPirates izodudulana ne-Al Ittihad yaseLibya e-Orlando Stadium ngesonto ngo-6 kusihlwa inenhloso yokubuyisa izinduku.

Phela kule midlalo emihlanu esayidlalile iPirates kuGroup B isahlulwe kanye, ishaywa yilo leli qembu ngo 3-2 emdlalweni owawuvutha bhe.

IPirates seyivele iqophe amarekhodi kulo mqhudelwano njengoba ishaye amagoli amaningi kunawo wonke amaqembu esigabeni samaqoqo kulo mqhudelwano.

Isishaye amagoli angu-15 yangenelwa amahlanu kuphela futhi isethubeni lokuqeda kuyiyo enamaphuzu amaningi kunawo wonke kulesi sigaba.

Njengoba sebevulelwe abalandeli kuleli, inkundla yePirates ivumelekele ukwamukela abalandeli abangu-15 000.

“Kuyinto ezosisiza kakhulu ukubuya kwabalandeli. Sithemba ukuthi bazofika ngobuningi, bagcwalise inkundla,” kusho uFadlu Davids ongumqeqeshi wePirates ngokubambisana noMandla Ncikazi.

“Sethemba ukuthi lo 15 000 ovumelekile uzofika. Sethemba ukuthi bazisifaka umdlandla ngoba ukubabona ngemuva kwethu kuzosinyusela amandla ngoba sifuna ukuqeda kahle.”

FUNDA NALA: IChiefs ibuyele emgqigqweni wokuwina idudulela iChippa emlilweni wezembe

UDavids uthi into asebeyibhekile manje kulo mqhudelwano wukuthi baqede lesi sigaba ngegiya eliphezulu bese bebona ukuthi baphelelaphi ngemuva kwalokho.

Leli qembu selivele yilo elibhekiwe ekutheni lingawunqoba lo mqhudelwano ongowesibili ngobukhulu ebholeni lamaqembu e-Afrika.

“Sesivele singenile esigabeni esilandelayo futhi lokho bekuyinhloso yethu yokuqala, eyesibili ukuthi siqede siphezulu eqoqweni lethu.

“Sizolwa kulo mdlalo, lokho akungabazeki… ukuze sikwazi ukuqeda ngegiya eliphezulu kulesi sigaba bese sibheka okulandelayo.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.