IPirates igcwele ukuzethemba ukuthi izodlulela phambili kwiConfed Cup

IPirates igcwele ukuzethemba ukuthi izodlulela phambili kwiConfed Cup
OkaDonga Gumbi

Ukuwina kwiSuperSPort United ehlale iyithwalisa uthayela kunomoya kwe-Orlando Pirates kwenzeke ngesikhathi esihle ikudinga ukuzeibuyelwe ukuzethemba.

Le wini – iPirates eyithole kade seyike yalandela ngemuva ngo 2-0 – ikunyusile ukuzethemba kwiBucs, ngokusho komqeqeshi uMandla Ncikazi.

Lokhu kuzoyisiza kakhulu njengoba ifuna ukuwina nakwiCaf Cinfederation Cup ukuze idlulele emzuliswaneni womkhumulajezi.

IBucs isendaweni yesibili kuGroup B ngaphambi komdlalo wayo neJS Saura yase-Algeria eStade Du 5 Juillet ngeSonto ngo-9 ebusuku.

Yehlele kule ndawo kulandela ukuwina kwe-Al-Ittihad yaseLibya eshaye iRoyal Leopard yaseSwatini ngalo isonto ntambama.

“Kube kuhle kakhulu ukuwina (sibhekene neSuperSport). Kulethe ukuzethemba eqenjini njengoba siya emdlaleni wasekuhambeni nje,” kusho uNcikazi kuleli viki.

“Engingakubalula nje wukuthi kumele siphumule. Ngeke sikwazi ukuzicija kakhulu. Kukude la siya khona futhi sizoshintsha izindiza endleleni, silinde nasezikhumulweni zezindiza.”

FUNDA NALA: ISundowns iweze uPitsongelibanzi ishaya i-Al Hilal

Nokho lokhu sebekujwayele njengoba cishe wonke amasizini bayadlala kule miqhudelwano yeCaf. Uma iPirates ingawina e-Algeria, kuyobe seyidlulile esigabeni samaqoqo.

“Kumele senze okusemandleni ukuzama ukuthola umphumela omuhle bese sibuyela ekhaya siqhubeke nemidlalo esisalele.

“Kubalulekile ukuthi sothole imiphumela emihle kule midlalo esisalele. Kumele siwine noma sidlale ngokulingana neSaura.

“Kodwa kuyodingeka nakanjani siwunqobe lo mdlalo esizobe sesisele nawo ngoba usekhaya,” kusho yena.

IPirates izovala imidlalo yamaqoqo ngokubhekana ne-Al-Ittihad e-Orlando Stadium ngo-Ephreli 3.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *