IPirates ihalisela iRoyal AM ngabathathu ifuna uLetsoalo

IPirates ihalisela iRoyal AM ngabathathu ifuna uLetsoalo
UVictor Letsoalo
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

I-Orlando Pirates seyihalisele iRoyal AM ngoGabadinho Mhango nabanye abadlali ababili emizamweni yayo yokuthi iyidedelele uVictor Letsoalo.

Ngokuthola kweMpempe iPirates isike yazama ukuxoxisana neRoyal AM ngalo mgadli kodwa yachithwa.

Yingakho manje seyibuye ngolunye unyawo seyifake uMhango nabanye abadlali abathathu ehalisela ngabo ezikaMaMkhize.

“Abaqeqeshi, ikakhulukazi (uMandla) uNcikazi, bamfuna la uLetsoalo bathi nguye oshodayo ukuze iqembu labo liphelele,” kusho umthombo ocele ukungadalulwa.

“UNcikazi kuthiwa vele kudala amhalela lo mgadli futhi kwanaye uLetsoalo uyakwazi lokho.

“Inkinga iRoyal AM ibingafuni kwakuzwa lutho kodwa kuthe uma sekunongwe ngabadlali yaqala yavula izindlebe yafuna ukulalela.

“Okwamanje angibazi laba abanye abadlali ababili ukuthi ngobani kodwa ke phela baningi vele laphaya kwiPirates abangasasetshenziswa.

“Sizokwazi ngokuhamba kwesikhathi ukuthi ngobani kodwa yona ifuna kudayiselwane ngewindi elizayo (likaJanuwari).”

FUNDA NALA: UMhango unyukubele ngenxa yokweqiwa yijezi kwiBucs

UMhango sisanda kubika ukuthi uvele akasahlalisekile kwiPirates njengoba ezibona ezitshwa ngabaqeqeshi.

Lokhu kulandela ukungaziphathi kahle kwakhe njengoba atholakala esendaweni yobumnandi ngesikhathi esingafanele.

Wabanjwa ngenxa yokuthi wagcina esehluleka wukukhokhela isikweletu kade ebusisa amantombazane ngezidlo notshwala endaweni ethile ePilori.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.