IPirates ihlabane ngomdlali weGallants elahlile

UMiguel Timm
Sihle Ndlovu

I-Orlando Pirates kulindeleke ukuthi imemezele uMiguel Timm, obedlala kwiMarumo Gallants, njengomdlali wayo omusha maduze nje.

Abazazi zonke ezaseMayfair bathi iBucs seyiqedile noTimm futhi usayine inkontileka yeminyaka emithathu. IPirates imthole mahhala njengoba inkontileka yakhe neGallants isifinyelele emaphethelweni.

Kuthiwa lo mdlali unqume ukungayivuseleli inkontileka yakhe neGallants, ezophela ngoJuni, zahlabana kanjalo ke eZimnyama ngenkani.

Ngokusho kwesikhulu seBucs lo mdlali uzokwethulwa ngokusemthethweni nabanye abadlali abasha eqenjini, ngaphambi kokuthi kuqale amalungiselelo esizini entsha.

“Sesiqede konke. Sizokwenza isimemezelo kungekudala lapho sizoveza khona abadlali bethu abasha nalabo abahambayo,” kusho lesi sikhulu kwiKickOff.

Abanye abadlali okulindeleke ukuthi bethulwe yiPirates, uTapelo Xoki, obedlalela AmaZulu FC noNkosinathi Sibiya obekwiLamontville Golden Arrows. IBucs isanda kuhlukana noThulani “Tyson” Hlatshwayo kanti kuvela ukuthi izophinde ichithe uKwandakwensizwa Mngonyama.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *